USHISA bhe umbango phakathi kwe-ANC ne-IFP wokunqoba iwadi ebalulekile kuMasipala waseMhlathuze.
Izolo amaqembu womabili abe nemikhankaso emikhulu ngaphambi kokhetho lokuchibiyela ewadi 12kumasipala, oluzokuba ngoLwesithathu.
Umphumela wale wadi ungase ufike noshintsho ekuphathweni kukamasipala, ongesinye sezizinda zomnotho waKwaZulu-Natal. I-IFP iyona ephethe umasipala ngokubambisana neDA ne-EFF.
I-ANC iyona eyanqoba ewadini ngesikhathi kunokhetho lohulumeni basekhaya ngonyaka owedlule kepha ikhansela layo labuye lasula.
Ukunqoba kwe-IFP kungayinika ukuphefumula kwesikhashana ngoba kungandisa izihlalo zayo.
Ukuwina kwe-ANC kungayinikeza amathemba okubuyisa umkhandlu, ikakhulukazi njengoba ubuholi obusha bayo KwaZulu-Natal buphezu kwezingxoxo zokubambisana ne-EFF.
I-IFP imelwe nguMnuz Vincent Dludla okhethweni.
I-ANC imelwe nguMnuz Siphamandla Sibiya.Izolo ibe nomcimbi omkhulu owaziwa ngeSiyanqoba, eMandlankala Sports Ground. Eduze kwakhona, ne-IFP ibiqhuba owayo umkhankaso.
UMengameli we-IFP, uMnuz Velenkosini Hlabisa, uthe kubalulekile ukuthi bayinqobe iwadi, ukuze bengezukuhlala ngesinqe esisodwa emkhandlwini.
"Sinomthwalo wokuqinisa uzinzo eMhlathuze. Ukunqoba kwe-IFP lapha ewadi 12 kuyosho ukuthi sizobusa ngaphandle kokuncikiselwa. Kuzosho ukuthi uma sifuna ukuthatha izinqumo emkhandlwini, sizobe singasekho isidingo sokuthi siqale siyoncenga amanye amaqembu."
UHlabisa uthe imiphumela yakamumva yokhetho lokuchibiyelaibanikeza ithemba lokuthi bazoyinqoba iwadi.
“Sisanda kunqoba ukhetho lokuchibiyela eMvoti. Saya eMfolozi nakhona safika sanqoba. Mumva nje sinqobe ukhetho lokuchibiyela eMthonjaneni.”
Uthe amehlo asethe njo okhethweni lukazwelonke, lwango-2024 lapho befuna ukuhlwitha i-ANC isifundazwe iKwaZulu-Natal.
Umkhankaso we-IFP uqale ngokuthi inikezele ngendlu eyakhele umndeni ohlwempu.
USihlalo we-ANC KwaZulu-Natal uMnuz Sboniso Duma, uthe baphezu kombhidlango wokubuyisa bonke omasipala ababalahlekela okhethweni lohulumeni basekhaya nyakenye. Uthe ukunqoba le wadi kuzophendula amatafula ekuphathweni kwalo masipala.
“Uma nje sike sanqoba, izinto zizojika. Siyazama ukulungisa zonke izinto ezisicindezelayo.”
UDuma uthe unethemba lokuthi abantu baseMhlathuze bazoqhubeka nokweseka i-ANC.
“Abantu bayazi ukuthi i-ANC iyona kuphela engaletha intuthuko. Yonke intuthuko ekhona la eMhlathuze yalethwa i-ANC.”