I-ANC neMK bazophinde bazwane amandla kolunye ukhetho lokuchibiyela olubhekwe ngabomvu.
Ushisa phansi umbango we-ANC neMK wokunqoba ukhetho lokuchibiyela oluzoba kuMasipala waKwaDukuza.
Ukhetho lokuchibiyela luzoba ku-ward 28 wakulo mkhandlu ophethwe i-ANC.
Le ward ibiphethwe i-ANC, isikhala sivuleke emva kokushiya kukaMnuz Doeshniee Govender, omele iMK okhethweni.
Omabili la maqembu asho kugcwale umlomo ukuthi azodla umhlanganiso.
Ngempelasonto i-ANC neMK bashayelele isipikili sokugcina, lapho bethumele khona osondonzima ukuba bayokhankasa okokugcina.
I-ANC ithumele ilungu lesigungu esiphezulu, uMnuz Senzo Mchunu, ukuba ayonxenxa abantu ukuthi babuyisele i-ANC kule ward.
I-ANC ibinomcimbi omkhulu obizwa ngeSiyanqoba, ngeSonto.
UMchunu uthe bazolunqoba ngamalengiso ukhetho lwakusasa, wathi bazophoxeka abazitshela ukuthi sekuphelile nge-ANC.
"Iya phambili le nhlangano, ayiyi emumva. Izinto ebeziyinkinga, ziyizihibe, sesiziqedile. Lena yinhlangano engakhiwanga izolo. Isuka kude. Akuyona inhlangano eqhamuka emva kwendlu, eyakhiwe ngoba nakhu sekukhona ukucasuka kwabanye base beyosungula inhlangano."
I-MK yona ithumele umholi wayo, uMnuz Jacob Zuma, ukuba ayokhuluma nabantu.
UZuma uthe bafuna ukunqoba lonke ukhetho oluzoba KwaZulu-Natal.
"Asingashiyi lutho olunqamula umgwaqo. Okuthiwa nje kuyavotwa, siyakuthatha. Asingahlulwa nawukhetho olulodwa."
UZuma uthe uyibheke kakhulu le ndawo ngoba kungakomalume wakhe.
"Kobe ningiphoxile, ngeke ngiseza ukuzodla amasi komalume uma sike sahlulwa la. Ngizohlala ekhaya ngingabe ngiseza komalume."
Uthe kule ndawo kulele amaqhawe afana neSilo uShaka kaSenzangakhona, nabaholi be-ANC Inkosi Albert Luthuli noMnuz General Gizenga Mpanza.
"Ningawalahla yini la maqhawe?"
La maqembu azohlangana okhethweni lwangoLwesithathu nje asanda kuhlangana okhethweni lokuchibiyela obelukuMasipala waseRichmond, ngenyanga eyedlule.
Kulolu khetho olwaluku-ward 2, kwanqoba iMK.
Olunye ukhetho lokuchibiyela oluzoba KwaZulu-Natal kusasa lukuMasipala wasoPhongolo.
Le ndawo iyisizinda se-IFP, leli qembu ilona elenza kahle okhethweni lokuchibiyela oselube khona KwaZulu-Natal emva kokhetho lwangonyaka odlule.
I-IFP ibe nomcimbi omkhulu ngeSonto, obuhanjelwe izinkumbi zabantu.
I-MK nayo ayizibekile phansi kule ward.
NgeSonto iMK ithumele uNobhala Jikelele, uMnuz Floyd Shivambu, ukuba ayoshayelela isipikili sokugcina