NJENGOBA ukuhushula isisu kuyinto esemthethweni eNingizimu Afrika, kulula kumuntu wesifazane ukunquma ukuthi akhiphe isisu ngisho engavumelananga nathandana naye. Yize kunjalo, ongoti besintu bathi akumabhadi kuyafiwa kwabesifazane abahushula izisu ngases.
Bakhuza nanomkhuba wokufuna ukuhlawulwa yisoka kowesifazane osuke ehushule isisu.
Isigameko sakamuva sentokazi yaseSiphingo, uNomfundo Ngcobo (21), osola isoka lakhe eliwumculi wowokholo, uDumi Mkokstad ngokumkhiphisa isisu maqede ayilaxaze, kuvukuze lesi sexwayiso kulabo ngoti bamasiko.
UDkt V.V.O Mkhize, uthi alikho isiko elivuna ukukhishwa kwezisu.
Uthi owesifazane okhokhelwa inhlawulo nogezwayo ophuphunyelwe yisisu, hhayi osuke esikhiphile.
“Umuntu okhiphe isisu usuke efana nobulele, ngakho ayikho into okumele umfana amgezele yona.
“Uma kufika isikhathi lapho ehlushwa ingane ayikhipha, kufanele agezwe wumndeni wakhe ukususa lelo thunzi.
“Ngokwesintu, sikholelwa ukuthi umphefumulo usuke usaphila ngokomoya, yingakho uthole omunye umuntu esenenkinga yengane ayikhipha.
“Ngokujwayelekile uma ingane ike yahlala esiswini yase ishona, iyaba yithunzi kunina iphazamise nezinto zakhe kudingeke agezwe,” kusho uMkhize.
Eqhuba uthe noma ukukhishwa kwezisu kungeyona into ehambisana nesintu namasiko, kodwa noyise wengane uma esazi ukuthi intombi yakhipha isisu kumele agezwe.
UMkhize uthi ingane ayigcini ngokuhlupha unina owayikhipha kuphela kodwa noyise imbala ziyama nse izinto zakhe kuyingane ehluphayo.
“Nowesilisa kusuke sekufanele abakubo bamgeze bamsuse ithunzi elimnyama uma esazi ukuthi kunentombi eyakhipha isisu.
“Uma wayengazi noma babevumelene, kuyefana ngoba usuke esewubaba wengane engasekho emhlabeni,” kusho uMkhize.
Ungoti wokuhlolwa kwezintombi kuleli uDkt Nomagugu Ngobese naye uhambe emazwini kaMkhize.
UDkt Ngobese uthi uma umuntu kade eyintombi bese ekhulelwa, kusuke kufanele isoka lihlawule kodwa hhayi okhiphe isisu.
“Kuzozwakala kabi kodwa kuyiqiniso ukuthi busuke bungekho ubufakazi bokuthi ubeqala ukukhipha isisu owesifazane owenze lokho.
“Umuntu okhiphe isisu ufana nobulele ngeke afaniswe nomuntu ochithekelwe isusu okumele agezwe. Yingakho samasha ngesikhathi kuphasiswa ukuthi amantombazane avumeleke ukukhipha izisu kuleli.
“Akungadlalwa ngabafana uma intombazane ikhiphe isisu. Kusuke kuyisinqumo sayo akukho okumele umfana akuhlawule noma akugeze,” kusho uDkt Ngobese.
Ephetha uthe intombi ephunyelwe yisisu okusuke kufanele isoka liyigeze, ligeze umuzi kayise bese ligeza nezintombi zendawo ebihlolwa, nakhona uma eyithole iyintombi nto.
Esinjani isisu esihlawulwayo nesigezwa umfana?
UMkhize uveze ukuthi uma owesifazane ekhulelwe ingane isese siswini kufanele umfana aziveze kubo bese ehlawula ngokuyikhulelisa. Inhlawulo yokuqala eyokugeza umuzi wakubo ntombi.
Aphinde ageze izintombi ezikhula nalo wesifazane. Emva kwalokho bese kungena nezinye izinto njengokhokha ezinye izinhlawulo okubalwa neyengane.
Lokhu kuthiwa kuyenziwa noma ngabe ingane ayisaphilanga ngenxa yezimo ezithile.
Ngeyiphi intombi efanelwe ukugezwa isoka noma ikubo kasoka?
Kuthiwa uma isoka bese laziwa kubo kantombi selike lavela nokuncane lahlephula ilobolo lifanele ukugeza intombi.
Lokhu isoka likwenza ngembuzi futhi ligezwe ndawonye nowesifazane ngoba bobabili imindeni seyababika emsamo njengomakoti nomkhwenyana.
Umehluko ukuthi kugezwa isisu esiphuphumile hhayi esikhishiwe.
Uma kulungiswa inkinga yesisu esakhishwa kwenziwa njengale ndlela engenhla.