KUNOJELE okubikwa ukuthi basebenza ngokubambisana neziboshwa ngenhloso yokushushumbisa izidakamizwa, ezisetshenziswa yiziboshwa emajele esifundazweni.
Lokhu kudalulwe yibamba likakhomishana wamajele KwaZulu-Natal, uMnuz Kenneth Mthombeni.
Utshele Isolezwe ukuthi lokhu kungcola okuwubugebengu obenziwa yileli qeqebana lojele, kuzibuyisela emuva izinhlelo zomnyango zokuhlumelelisa izimilo zeziboshwa. Uthi inhloso yokuhlumelelisa isimilo sesiboshwa, ukuthi uma siphuma ejele sibuyela emphakathini, sibe ngumuntu ozelwe kabusha.
“Ngeke sikuzuze esizibekele khona uma kusenabasebenzi bethu abashushumbisela iziboshwa izidakamizwa emajele. Izidakamizwa ezingena emajele zifakwa yidlanzana labasebenzi bethu elisebenzisana neziboshwa,” kusho uMthombeni.
Uqhube wathi okwabo njengabaphathi emajele ukuthi babe yisibonelo esihle ngaso sonke isikhathi eziboshweni. Uthi abashushumbisa izidakamizwa emajele bacekela phansi impilo yalezi ziboshwa.
UMthombeni udalule ukuthi izidakamizwa nezinye izinto ezisetshenziswa yiziboshwa emajele okungamele ngabe ziyakusebenzisa, kusuke kuthunyelwe ngamalungu omphakathi. Uthe inkinga iqala emphakathini ovele usonge izandla uthule, uma kukhona umuntu odayisa izidakamizwa isidana endaweni.
“Sinxusa umphakathi ukuthi usebenzisane nathi khona sizobhekana nalokhu kungcola okukhungethe imiphakathi yethu,” kunxenxa uMthombeni.
Wenze isibonelo ngezingxoxo yokukhumelana umlotha phakathi kwesiboshwa nemindeni yezisulu kanye nomphakathi, wathi kuyasiza ukuthi kupholise amanxeba alabo abasuke bengabagilwa. Uthe banakho ukuhlala babuye bazumise baseshe ngokuthi bapequlule izindlu ezihlala iziboshwa befuna izidakamizwa nezinto okungamele ngabe zisetshenziswa iziboshwa emajele.
UMthombeni nobuholi bamajele eWestville, buke bahambela eSikhawini, ngeledlule lapho isiboshwa esidonsa udilikajele ngokubulala udokotela besiyocela uxolo emphakathini.
USiyabonga Dlamini (38) wagwetshelwa icala lokuphanga nokubulala uDkt Nhlanhla Masuku, abamngenela endaweni ayesebenzela kuyona kuleli lokishi. Usehlale iminyaka engu-18 ejele, manje ubeyocela uxolo emndenini nasemphakathini.