UGWETSHWE odilikajele ababili neminyaka emihlanu ngaphezulu ebhadla ejele owesilisa waseFolweni, owabulala intombazane ayephuza nayo.
Izolo, iNkantolo eNkulu yaseThekwini, igwebe uSamkelo Victus Dube (33) owayengumshayeli wamatekisi asuka eFolweni eya eThekwini.
Ecaleni lokuqala lokushaya ngenhloso yokulimaza, umngani kamufi, uNksz Thandi Princess Shange, ugwetshwe iminyaka emihlanu.
Kwathi kwelokubulala uSbahle Faith Biyela (17) wagwetshwa udilakajele. Udilakajele wesibili uwuthole ngecala lokudlwengula umufi.
Esigamekweni esenzeka ngo-Okthoba 5, 2020, kuthiwa uDube wayekade ehlezi nomufi endlini yakhe noNksz Shange.
Kuthiwa wabathengela utshwala ngemuva kwalokho kuthiwa wadlwengula wabulala umufi.
Isidumbu sikamufi satholakala sinenqwaba yamanxeba okugwazwa, sasidindilize sibheke phezulu nesitho sangasese sihlezi obala.
Wakhalelwa ngamasongo kaSigonyela ngo-Okthoba 13, ebhace kubo kukanina eChesterville.
Wawaphika wonke amacala inkantolo ebimbeke wona uDube.
Umshushisi, u-Advocate Khatija Essack, uveze ukuthi umufi wayenekusasa eliqhakazile njengoba wayebuye alingise emdlalweni wethelevishini, Isidingo. Wanxusa inkantolo ukuba imnikeze isigwebo sikadilakajele uDube.
IJaji uBroos Beddersson likhale ngesihluku esasetshenziswa nguDube ngesikhathi edlwengula ephinda ebulala umufi.
"Isigwebo sikadilikajele yiyonanto ekufanele. Indlela owambulala ngayo lo wesifazane ibe nesihluku esikhulu. Lesi yisigwebo esikufanele kunazo zonke,'' kugcizelala ijaji.
Liqhuba, lithe izigwebo zalolu hlobo zingaklama indima enkulu ekwehliseni izehlakalo zalolu hlobo zokudlwengula nokubulawa kwabesifazane elithe seziphenduke insakavukela.
Ijaji lisukumise abazali bakamufi lase lidlulisa amazwi enduduzo kubona.
"Sengathi ningathobeka amanxeba. Kuyabonakala ukuthi umufi ubenekusasa eliqhakazile,'' kusho ijaji.
Ngemuva kokuba inkantolo seyiwise isigwebo, unina kaDube obesenkantolo igama lakhe eligcine lingatholakalanga, ubonakale ekhala.
Usukumile waya kuDube wakhuluma naye wase eyamqabula.
"Ngiyakuthanda yezwa mfana wami futhi ngiyohlezi ngikuthanda,'' usho kanje. Uphendulile uDube ngamazwi afanayo.
Ngaphandle kwenkantolo, unina kaDube ucele ukukhuluma nabazali bakamufi kodwa benqaba.
"Yini azoyikhuluma nathi njengoba bengakaze bezoxolisa futhi abakaze beze nasemngcwabeni wengane yami,'' kuchaza unina kamufi, uNksz Zonke Mabhida.
Ubonge inkantolo ngokugixabeza uDube ngesigwebo esinesisindo.