UMMANGALELWA wesibili kwelokubulawa kukaSenzo Meyiwa, uBongani Ntanzi, uthe waxosha ummeli owayemncenga ethi akenze isivumelwano namaphoyisa, uzoxhawulwa ngoR3 million.
UMeyiwa wadutshulwa wabulawa ngo-2014, ekubo kwentombi yakhe uKelly Khumalo, eVosloorus, eGauteng. Kushushiswa abalisa abahlanu okuthiwa yibona abayisa uMeyiwa kwagoqanyawo futhi bethengiwe.
Icala lisesigabeni lapho kubangwa khona ukuthi izitatimende zabamangalelwa zokuvuma amacala ngabe kufanele yini zamukelwe njengobufakazi enkantolo. Abamangalelwa bathi bazisayina izitatimende ngoba babexakwe yisibhaxu samaphoyisa.
Abameli bagibeze uNtanzi ebhokisini wethula ubufakazi ngokuboshwa kwakhe nokuthathwa kwezitatimende zakhe. Uthe kunommeli u-Advocate Ntokozo Mjiyakho, owamcela ukuthi asebenzisane namaphoyisa.
“Wathi kimi angenze isivumelwano. Ngabuza ngathi yisivumelwano sani leso? Wathi angenze isivumelwano kuzohlukansiwa idokodo, icala lami libe seceleni. Ngathi anginasivumelwano namaphoyisa mina. Ngasho nasenkantolo ukuthi ngimxoshile, naye uyazi ukuthi uxoshelweni,’’ kusho uNtanzi.
Uthe indlela uMjiyakho ayemagange ngayo waze weza enkantolo ekubeni sewamxosha. UNtanzi uthe waphakamisa isandla efuna ukutshela imantshi ukuthi akakhishwe uMjiyakho, akamfuni kodwa imantshi yathi ngeke ikhulume lutho nommangalelwa ngoba unommeli.
UMshushisi woMbuso u-Advocate Ronnie Sibanda, usukumile wabuvimba lobo bufakazi wathi buyinzwabethi, kuzofanele abizwe uMjiyakho azoziphendulela, uma kungenjalo akuyekwe. IJaji Ratha Makgoatlheng livumelane noSibanda lathi kufanele kubizwe uMjiyakho ngoba ngeke kwethulwe izinsolo bese kushiywa kanjalo.
Uthe emuva kwalokho wathola ummeli ohlinzekwe wuhulumeni, angamkhokheli. Udaba lwesethembiso sikaR3 million aluqali ukuvela kuleli cala ngoba phambilini kuke kwasolwa umphenyi wecala uBrigadier Gininda, ngokununusela abamangalelwa ngemali.
UGininda wakuhleka usulu lokhu, wakuchitha wathi yinganekwane. Kuke kwavela nokuthi uNtanzi wayesezingxoxweni zokuthi avume amacala, aninde aboshwe nabo kodwa lezo zingxoxo zafekela.
Icala lisheshe laguqa kwavunyelwana ngokuthi lizobuyela enkantolo ngoMsombuluko, bese uMbuso uhlaba uNtanzi ngemibuzo ngobufakazi abethulile.