KUZOBEKWA eqhulwini ukulungiswa kwenkinga ebhekene nezindawo ezakhele uMasipala weTheku, esabelwenimali esizothulwa ngumkhandlu.
Lokhu kuvele njengoba lo masipala uqale uchungechunge lwemikhankaso yokulalelwa kwemibono yezakhamuzi ngesabelomali sika-2025/26.
NgoLwesibili umasipala uhlangane nezinhlangano ezimele abakhokhela ukuhlinzekwa ngezidingo lapho kuvezwe imibono ngezithinta amanzi, ugesi nokunyuswa kwemali yezidingo.
Izolo kulalelwe imibono yomphakathi waseHammarsdale.
ITheku lithi okuphawulekayo ngalesi sabelomali sika-R71.3 billion, wukuthi sibeka eqhulwini ukuhlinzekwa kwezidingo ezibalulekile njengoba u-R1.15 billion, uzofakwa ohlelweni lokunqanda ukumosheka kwamanzi nokufakwa kwamapayipi amanzi amasha.
U-R859 million uzoya ezinhlelweni zikagesi.
IMeya yeTheku, uMnuz Cyril Xaba, ithe: "Lesi sabelomali sizogxila ekuhlinzekweni kwezidingongqangi. Kuzothuthukiswa ingqalasizinda yedolobha. Zikhona izinhlelo zokulungisa, ukwenziwa ngcono nokufakwa kwengqalasizinda esikhathini esifishane, esiphakathi neside."
Umasipala uveze ukuthi kuphakanyiswe ukuthi imali yokukhokhela ukuhlinzekwa ngezidingo eqondene nogesi inyuke ngamaphesenti angu-12.72, amanzi ngo-15% ezindaweni ezihlala abantu no-16% kwezamabhizinisi.
Eyokuthuthwa kwendle ezindaweni zabantu kuphakanyiswe ukuba inyuke ngamaphesenti angu-13, kwezamabhizinisi angu-14, ukuthuthwa kukadoti ezindaweni ezihlala abantu ngo-9.9 kanye no-9 kwezamabhizinisi.
Eyezakhiwo izokhuphuka ngo-6.5%.
UXaba uphethe ngokuthi izigcawu zokulalelwa kwemibono yomphakathi zizosongwa ngoMeyi 14.
"Zibalulekile ukuqinisekisa ukuthi izakhamuzi ziba ngumnikazi kamasipala. Isabelomali sizophasiswa ngoMeyi 22, uma sekulalelwe imibono yomphakathi."