IKHANSELA le-ANC ku-ward 80, eMlaza, uMnuz Mthokozisi Nojiyeza elisanda kuphuma ejele ngemuva kokuchithwa kwecala ebelibekwe lona lokubulala uzakwabo uMnuz Sibusiso “Bhabhane” Maphumulo, lithe igama lalo lizogezeka kahle uma amaphoyisa esebophe umuntu owabulala umufi.
UNojiyeza uphume ejele ngeledlule esehlale khona izinyanga ezinhlanu kulandela ukuthi iNkantolo yeMantshi yaseMlaza ilichithile icala abebekwe lona ngenxa yokushoda kobufakazi.
Engxoxweni neSolezwe izolo, uNojiyeza ufunge wagomela ukuthi uzowubopha uMbuso obumbophele ize.
“Sibonisene nabameli ukuthi kumele kubekhona izinyathelo zomthetho esizithathayo ngoba asikhulumi lana ngokuthi icala lihoxisiwe kodwa kuthiwe yinto engekho engakaze yabakhona, isikhathi engisihlale ejele izinsuku ezingaphezu kuka-150, okuyizinyanga ezinhlanu ngihlalele ubala,” kusho uNojiyeza.
UMaphumulo owayeyikhansela kwi-ward engumakhelwane kaNojiyeza wabulawa ngo-Okthoba ngonyaka odlule.
Kwaqale kwaboshwa abafowabo ababili bakaNojiyeza nabo asebaphuma ngenxa yokushoda kobufakazi. Kumanje akekho umuntu oboshiwe ngaleli cala.
UNojiyeza uthe abaphenyi abasha bamtshelile ukuthi abantu abona icala abaphenyi bokuqala.
“Abaseshi abasha bathe bafuna ukusebenzisana nami ngavuma ngoba into engiyifisa kakhulu wukuthi ekugcineni babanjwe abantu ababulala uMaphumulo,” kusho uNojiyeza.
Uthe abaseshi bokuqala bamtshela ukuthi bazombopha namanye amakhansela aseThekwini kuze kufike nakwiMeya uNkk Zandile Gumede ngoba abamfuni uMengameli Cyril Ramaphosa bafuna uZuma.
“Ngizizwa ngikhululekile ngemuva kokuthi icala ebengiboshelwe lona ebelikhandiwe lichithwe yinkantolo,” kusho uNojiyeza.
Ubonge umndeni wakhe namaqabane abemeseka ngesikhathi sobunzima.
Uthe leli tulo bebecabanga ukuthi lisuka eThekwini kodwa babuye babona ukuthi lijulile lihamba lize lifike ezingeni likazwelonke.
“Ummeli wami wathola umyalelo othi mina bengihlupha ngesikhathi kuyiwa enkomfeni yaseThekwini nginemibuzo eminingi kanti kukhona abangakuthandanga lokho. Namanje kuyiwa engqungqutheleni yesifunda kuyaziwa ukuthi mina ngisohlangothini lweMeya. Ukuboshwa kwami nokweMeya kuhlangene nempi njengoba siya engqungqutheleni,” kusho uNojiyeza.
Uthe enye into abashayelwa yona wukuthi kuyaziwa ukuthi iTheku liyisizinda sobengumengameli uMnuz Jacob Zuma noNobhala-jikelele uMnuz Ace Magashule.
“Zonke izinhlaka, isifunda, isifundazwe nozwelonke zikhona kule nto, inhloso enkulu ukwenza uhlangothi lukaZuma lube buthaka manje indlela okuliwa ngayo ukuthi siboshwe,” kusho uNojiyeza.
Uthe akusilo iqiniso ukuthi ngemuva kokudedelwa ngeledlule mayelana necala likaMaphumulo uphinde wathathwa amaphoyisa eyomhlohla imibuzo mayelana necala lokubulwa kwelinye ikhansela laseThekwini uMnuz Wiseman Mshibe.
“Amanga lawo izona izitha zami ebezisaqhubeka nempi yokungcolisa igama lami,” kusho uNojiyeza.
Uphinde wazichitha futhi izinsolo ezithi abameli bakhe bebekhokhelwa yiMeya yeTheku uNkk Gumede ngemali yomkhandlu.
“Mina bengibakhokhela abameli ngoba bengisahola bengisizwa nangabafowethu. Leyo nkulumo ibisatshalaliswa ukuze kungcoliswe igama leMeya,” kusho uNojiyeza.
Mayelana nombhikisho wayizolo wamalungu omphakathi abethi awamfuni uNojiyeza uthe abebemasha basetshenziswa yizitha zakhe.
Uthe uzoqhubeka nomsebenzi wakhe wokuba yikhansela kuze kube ngu-2021.
Ngesikhathi kuthintwa ingoduso kaMaphumulo, uNksz Sthe Shabane, icele ukuthi ithintwe ngemuva kwemizuzu
engu-30. Kuthe isishayelwa ucingo lwayo bese lukhala lungasabanjwa.