I-SOUTH African Qualifications Authority (SAQA), isixwayise abafuna izikhala zokuqhuba izifundo zabo ezikhungweni zemfundo ephakeme, ukuthi baqaphelele ukuthi zibhalisiwe yini nalo mkhandlu.
Lo mkhandlu ukhipha lesi sexwayiso njengoba kunezikhungo ezingombombayi ezenzisa imikhakha engabhalisiwe.
Ezinye zazo noma zibhalisiwe kodwa azivumelekile ukwenzisa eminye imikhakha.
UNksz Nkosingiphile Nyalungu we-SAQA, uthe abafuna izikhala kumele babheke ukuthi zibhalisiwe yini noMnyango weMfundo ePhakeme.
Uthe izikhungo kumele zinike abafuna izikhala ulwazi oluveza ukuthi zibhalisile.
“Abafuna izikhala kumele bafune inombolo isikhungo esibhalise ngayo kwi-SAQA, ukuze bakwazi ukuthola ukuthi sibhalisiwe. Ngaleyo ndlela kuzobalula ukubona ukuthi leso sikhungo sibhalisile,” kusho uNksz Nyalungu.
UDkt Mimmy Gondwe, iPhini likaNgqongqoshe eMnyangweni wezeMfundo ePhakeme, useke waxwayisa ngezikhungo ezingombombayi eziqola abangazi ngalesi sikhathi.
Usanda kuveza ukuthi bayazivala izikhungo ezisuke zingabhalisiwe kodwa ezinye ziphinde zivumbuke.
Wanxusa abafuna izikhala ukuthi babheke izinto ezifana nendawo okufundelwa kuyona, ukubheka ukuthi izinto ezifana nomtapowolwazi nezinye ukuthi zikhona.
“Uma lezi zinto zingekho kumele uqale uzibuze ukuthi isikhungo esinjani esingenawo amagumbi okufundela kanjalo nomtapowolwazi? Ulahlekelwa yimali nesikhathi uma wenza iziqu ezingekho emthethweni. Uphinde ungakwazi nokuthola umsebenzi ngoba lezo ziqu zisuke zingabhalisiwe,” kuxwayisa uDkt Gondwe.
Kwenzeka lokhu nje, zimbalwa izikhala ezikhona ezikhungweni zemfundo ephakeme kuleli njengoba zibalelwa ku-207 000 ezikhungweni zemfundo ekubeni abafundi abaphase u-matric nge-Bachelor, bengaphezu kuka-350 000.
Abafuna ukubheka ukuthi iziqu zibhalisiwe bangaya ku-www:saqa.org.za. Abafuna ukubheka ukuthi isikhungo sibhalisiwe bangaya ku:www.dhet.org.za.