OSHIYA njengomxhumanisi eHhovisi leSilo, uMntwana uThulani Zulu, uthi owakhe umsebenzi wafezeka mhla kudluliselwa ngokusemthethweni isitifiketi sobukhosi kwiSilo uMisuzulu kaZwelithini.
UMntwana uThulani uzobeka phansi izintambo kulesi sikhundla ekupheleni kwenyanga. Ubeqashwe yiHhovisi likaNdunankulu waKwaZulu-Natal njengomqondisi eHhovisi leSilo.
Engxoxweni neSolezwe, uMntwana uThulani, uthe ziningi izikhathi ezinzima abhekane nazo ngesikhathi esebenza eHhovisi leSilo. Uthe isikhathi esiningi bekufanele akhulume azicwecwe njengoba ebeholelwa nguhulumeni.
Ukhulume ngezikhathi ezinzima abhekane nazo emva kokukhothama kweSilo uZwelithini kaBhekuzulu. Ukukhothama kweSilo kuholele embangweni wesihlalo sobukhosi owaze waholela ekutheni uhulumeni waKwaZulu-Natal, umise ukuxhasa imikhosi yasendlunkulu.
UMntwana uThulani uthe samphatha kabi lesi sinqumo esathathwa wuhulumeni waKwaZulu-Natal.
“Kwangisinda kakhulu ukumiswa kwemikhosi ekubeni ikhona inkosi eyase ikhonjiwe, eyase ihleli esihlalweni. Phela lokhu kwakuzokwenza ukuthi isizwe singayiboni inkosi. Yingakho ngingazange ngivume ukuthi imikhosi imiswe. Ngaphuma ngayofuna imali yokuthi kuqhubeke imikhosi.”
UMntwana uThulani uthe lesi kube yisikhathi esinzima kuye nendlunkulu.
“Okungisizile kakhulu ngukuhlala eqinisweni. Abantu abaningi bangisole ngokuchema neSilo uMisuzulu. Empeleni mina bengingachemile neSilo uMisuzulu kodwa bengicheme neqiniso. Noma ngabe ngubani obeseqinisweni, bengizokuma naye,” usho kanje.
UMntwana uThulani uthe owakhe umsebenzi waphela ngesikhathi kukhothama iSilo, kepha wathi bekungelula ukuthi ashiye njengoba bekunombango wesihlalo sobukhosi.
“Bekufanele ngiqale ngibone ukuthi inkosi engenayo ingena kahle esihlalweni. Owami umsebenzi ufezeke ngo-Okthoba 29, okuwusuku okwadluliselwa ngalo isitifiketi sobukhosi eSilweni.”
UMntwana uThulani uthe njengamanje sekulele eSilweni ukuba siqoke umuntu ozongena esikhaleni sakhe.
“Inkosi uma ingena esihlalweni inelungelo lokuqoka abantu ezosebenza nabo. Nami ngisekhona endlunkulu, angibalekile. Uma kukhona abakudingayo, ngikhona eduze.”
UMntwana uThulani uchaze nangokusebenza kwakhe neSilo esesakhothama.
“Ngangisebenza njengothishanhloko eNkandla. Isikhathi esiningi izingane zazisala zingenamuntu ngenxa yokuthi inkosi yayingidinga. Kulapho engabona khona kungcono ukuthi ngishiye phansi ekubeni nguthishanhloko.”
Uthe isikhathi azosikhumbula kakhulu yilapho kuyotshalwa kabusha unina weSilo esesakhothama uThomozile Jezangani Ndwandwe.
“ISilo sikhule kanzima singamazi unina. Kwaba yimina owokuqala owasebenza noMasipala waseThekwini, ukuthola idlinza lendlovukazi. Kwase kuphele iminyaka elishumi kungaziwa ukuthi likuphi. Yimina owayengamele zonke izinto ngesikhathi kwenziwa ulibofuzo, nangesikhathi etshalwa kabusha. Emva kwalo msebenzi, iNgonyama yangishayela ucingo ibonga.”