IPHINI likaMengameli we-ANC, uMnuz Paul Mashatile, lithwale kanzima ngesikhathi lisembhidlangweni wokunxenxa abantu ukuthi bahambele umcimbi wokugubha usuku okwasungulwa ngalo i-ANC.
Ingxoxo yakhe nomndeni awuvakashele elokishini, iKhayelitsha, iphazanyiswe isixakaxaka esisuke phakathi kwabaqaphi bakhe nelungu lomndeni eligcine liphimisela amagama okuthi uMashatile nabehamba nabo abaphume baphele emzini wakubo.
Kuthe noma sesiphelile isixakaxaka ilungu lomndeni, ebelikhuluma noMashatile, lavele laqhakambisa i-DA.
UMashatile ubehambe engena imizi yaseKhayelitsha enxenxa abantu ukuthi bahambele umcimbi ozokuba ngeSonto khona kuleli lokishi.
Uhambo lukaMashatile luqale ukunyomfeka ngesikhathi abaqaphi bakhe bevimba ilungu lomndeni ebelingaphandle ngesikhathi engena endlini.
Abaqaphi bakaMashatile banqabele le ndoda ebiphethe ingane ukuba ingene endlini kepha le ndoda yadlubulundela yaze yafika lapho obekuhlezi khona uMashatile nabanye abaholi be-ANC.
Kulesi sigameko, ebesisakazwa bukhoma kwithelevishini, kubonakale le ndoda ibhoka ngolaka ithi uMashatile nahamba nabo abaphume baphele emzini wakubo.
“Akekho umuntu ozongivimba ukuthi ngingene emzini kamama wami. Nonke nina enilapha, hambani. Hambani khona manje, hhayi kusasa.”
Abaqaphi bakaMashatile bagcine beyikhiphele ngaphandle le ndoda.
Emva kwesigameko uMashatile uxolisile, wathi abaqaphi bakhe bebengazi ukuthi le ndoda ngeyakulo muzi abebekuwo.
Ngesikhathi uMashatile exoxa nelungu lomndeni emva kwesixakaxaka, livele laqhakambisa i-DA.
Lo mndeni unohlelo lokuphakela abantu endaweni.
Ilungu lomndeni lithe i-DA iyona eyanikela ngokudla nokunye ukuze ukwazi ukuqhubeka nalolu hlelo.
UMashatile uzibophezele ukuthi bazolweseka uhlelo lwalo mndeni lokusiza umphakathi.
I-ANC ne-DA bayinkukhu nempaka kulezi nsuku.
Ngesikhathi uMashatile ehambele eKhayelitsha ngeSonto, usole uhulumeni waseWestern Cape oholwa i-DA ngokungazinaki izindawo ezihlala abantu abamnyama.
Le nkulumo kaMashatile icasule uSihlalo woMkhandlu weDA, uNkk Helen Zille, osole uMashatile ngokusenga ezimithiyo.
UNkk Zille uthe abantu baseKhayelitsha yibona abahlomula kakhulu ezinhlelweni zikamasipala uma kuqhathaniswa nezitholwa abaseCamps Bay okuyindawo yeziqumama.
Izolo uMashatile uwaphindile amazwi akhe wathi: “Ngiyabona ukuthi inkulumo yami imcasulile uNkk Zille. Kodwa bengikhuluma iqiniso. Yena ukhuluma kanjena nje yingoba akazi. Wagcina nini eKhayelitsha?”