UMENGAMELI wezwe uMnuz Ramaphosa, uthi uzimisele ngokuhlangana neSilo iNkosi King Goodwill Zwelithini ngenhloso yokuthi acacise ngomhlaba ongaphansi kweSilo, Ingonyama Trust, nongaphansi kwamanye amakhosi.
“Akulona iqiniso ukuthi uhulumeni uzimisele ngokuthi athathe umhlaba kubantu basemakhaya nalowo ongaphansi kwabaholi bendabuko,” kusho uRamaphosa.
Ubekhuluma izolo esidlweni sakusihlwa eSefako Makgatho Presidential Guest House ePitoli.
Inhloso yokuhlangana kwakhe neSilo, uthe ukudambisa imimoya esinyukile kubaholi bendabuko nakusona iSilo mayelana nalolu daba.
"Ngizohlangana naso iSilo ukulungisa lolu daba ukuze siqede lokhu kwesaba okukhona naphakathi kwesizwe samaZulu,” kugcizelela uRamaphosa.
Kuleli sonto iSilo sixwayise ngokuthi kungase kusuke uthuli lwezichwe uma uhulumeni eke wazama ukuthatha umhlaba ongu-13% ongaphansi kwabaholi bendabuko eNingizimu Afrika.
FUNDA: ISilo sikhulekele ukuba i-ANC ihlukane phakathi embizweni
“Asizimisele nakancane ukuthi sithathe umhlaba ongaphansi kwe Ingonyama Trust. Uhlelo lwethu lokwabiwa komhlaba luzolandela ukusebenza koMthethosisekelo,” ubeke kanje Ramaphosa.
Ukhuluma kanjena nje uRamaphosa kuyaqhubeka ukulalelwa kwezicelo emphakthini mayelana nokushintshwa koMthethesisekelo ukuze kuthathwe umhlaba ngaphandle kwesinxephezelo.
Inhloso ukwabela abampofu oningilabo kungabamnyama umhlaba njengoba uhulumeni wobandlululo abaphuca wona. NgokweSilo, uma umhlaba ongaphansi kwe-Ingonyama Trust uthathwa, kuzokusho “Impi yesibili” yokulwela umhlaba, eyokuqala eyaba khona phakathi kwamaZulu namaNgisi.