OMAKHELWANE bomholi weMK, uJacob Zuma, bathe ngeke bamlahle lo mholi njengoba bebethi bavotele iMK ngesikhathi kuvotwa.
Abantu abavote esikhungweni okuvote kuso uZuma, esisesikoleni iNtolwane Primary, bathe ngeke bamlahle uZuma, sebehamba neMK.
Kusukume nesinedolo ngesikhathi kufika uZuma esikhungweni sokuvota.
Kuqhume umkikizo namakhwelo, kwama yonke into njengoba wonke umuntu ebefuna ukuzibonela uZuma.
UZuma akazange athathe isikhathi eside evota.
Ubelokhu encokola nabavotisayo ngesikhathi kubhekwa igama lakhe ohlwini lwabazovota.
Ngesikhathi enikwa amaphepha okuvota ufune ukwazi ukuthi iqembu 'lakubo' likhona yini ohlwini lwamaqembu azovotelwa.
Ukhombise ukujabula ngesikhathi ebona iqembu abelifuna, wabe esethi sekuphelele konke.
Emva kwalokho usuke wayovota, wabe esephuma eyobingelela amalungu eMK abehlezi etendeni, ebelingaphandle kwesikhungo.
Kuleli tende bekuqhuma ingoma evala izindlebe.
UZuma ubonge abantu abebemjabulela, wazwakalisa ithemba lokuthi bazolunqoba ukhetho.
Ube esehamba emva kwalokho.
Abantu abebejabulela uZuma bathe sebehamba neMK.
Bathe bayakholelwa ebuholini bukaZuma, bathi sebelahle ithemba kwi-ANC.
Abanye babo bathe bafuna ukujezisa uMengameli, Cyril Ramaphosa, abamsola ngokubahlukumeza ngesikhathi kubhoke ubhubhane iCorona.
UMnuz Funukwazi Ndlovu, uthe uyamethemba uZuma.
“Sihamba naye, ngoba igalelo lakhe silibonile ngesikhathi esaphethe. Abantu abaningi baphumelele ngesikhathi kusaphethe yena. Baningi abantu abaphumelela lapha endaweni ngesikhathi kusaphethe yena. Wayewusizo kakhulu. Wayengakhethi bala, wayengabuzi ukuthi uqhamuka kuyiphi inhlangano. Wayekusiza noma ingani uma usufikile kwakhe.”
UNdlovu uthe ufisa ukuthi uZuma athuthukise indawo yangakubo uma enqoba ukhetho.
“Ngifuna ukuthi kungabi khona izinto esizokhala ngazo. Sisakhala kakhulu ngamathuba emisebenzi. Izingane zifundile, zagogoda, kodwa aziyitholi imisebenzi. Nathi esinamakhono, ayikho indlela esixhaseka ngayo ukuze sithuthukise amakhono ethu.”
UNdlovu uthe isasasa elikhona ngeMK ilona elimsukumise phansi.
“Bengithi angizukuvota, kodwa ke ngokubuka isasasa, ngithe angiye kovota.”
UNkk Dalekile Biyela uthe ufuna ukuthi uZuma aphinde aphathe.
“Sihamba nomuntu walapha endaweni ngoba siyamazi, sakhula naye. Uyazazi izidingo zethu. Ngeke asilahle.”
Uthe ufisa ukuthi uhulumeni ubakhele izindlu.
“Sihlala ezindlini zodaka. Akulungile ukuthi silale phandle. Akufuneki ukuthi sifele ezindlini zodaka.”
UNksz Biyela uthe ukhetho alukaze lumphuthe selokhu abantu abamnyama bavunyelwa ukuvota.
“Selokhu saqala ukuvota kusavotelwa uMandela. Namanje asisaboni nakahle, kodwa ngiyavota ngoba ngiyaye ngithande ukuthi uvo lwami luzwakale.”
UNksz Nokwanda Ntombela uthe akajabule ngohulumeni ophethe.
“Sahlukumezeka kakhulu ngesikhathi seCorona. Kwakushaywa imithetho esicindezelayo. Baningi abantu abalahlekelwa imisebenzi, kwavalwa amafemu. Kuyimanje asisebenzi.”
UNksz Ntombela uthe kuningi okwenziwa uZuma esaphethe.
“Asikaze sihlupheke kanje ngesikhathi kusaphethe uZuma. Abantu babesebenza, futhi ziningi izinhlelo zentuthuko ezazilethwa uhulumeni.”