OWAYENGUMENGAMELI we-ANC nezwe, uMnuz Jacob Zuma, uthe azilime ziye etsheni, ngeke atshelwe wubuholi be-ANC futhi akesabi muntu uhlabela phambili noMkhonto weSizwe ngoba ulungisa izwe.
UZuma usho lokhu kade evakashele isikole iKhuthala Primary, eMlaza, wase edlulela erenki eZindongeni.
UZuma kulezi zinsuku uphansi phezulu ukhankasela uMkhonto weSizwe, okuyiqembu elethulwe ngoDisemba wonyaka odlule, kanti wamemezela ukuthi uyaleseka.
I-ANC imthumelele ngencwadi yokummisa enhlanganweni yathi kufanele aphendule kuyona.
Erenki eMlaza, uZuma ubelindwe yinqwaba yabantu beMK namalungu omphakathi, bekuphume nesinedolo amakhosikazi namadoda behleli bethe shaye elangeni ebelishisa.
Bemukele uZuma ngomkikizo, amakhwela nezingoma zomzabalazo, intsha iviliyela sakushaya itoyitoyi.
Ingoma ebisho phezulu ithi Wubani owabopha uMshozoli simthanda?
Babodwa abebememeza uZuma bethi: “Baba wethu! Baba wesizwe, awubuyele kuwe umshini manje!’’
Babodwa abebemthopha bethi: “Nxamalala! Msholozi!“
UZuma uthe ngeke alalele lutho olushiwo wubuholi be-ANC ngaphansi kukaMenagmeli Cyril Ramaphosa ngoba wayengekho ngisho emzabalazweni.
Uthe uRamaphosa wathenga isikhundla ngakho akafanelwe wukubizwa ngomengameli.
“Ngaboshwa isikhathi eside mina ngilwela inkululeko, abanye abantu bafa. Ngeke ngitshelwe yibona. Ngisazoqhubeka ngilwe, bona bayangithuka ngiyazithulela nje ngoba angihlanyi ekhanda. Angesabi muntu mina, ngiyohlala ngilikhuluma iqiniso,’’ kusho uZuma enanelwa yinhlokomo.
UZuma uthe isinyathelo sokweseka uMkhonto weSizwe, usithathe ngoba i-ANC akuseyona le ayaziyo.
Uthe uzamile ukulungisa izinto wavinjwa futhi uthe lesi sinyathelo sakhe esokugcina.
“Ngaya engqungqutheleni ngifuna ukuyokhuluma ngibatshele konke, ngaphakamisa isandla ngaze ngakhathala, bengangikhombi. Ngaze ngathethisa usihlalo wathi ubengangiboni. Baze banqamula ingqungquthela ngoba ngangikhuluma izinto ezisindayo,’’ kusho uZuma.
Uthe i-ANC ilibele wukuthukana naye, iyakhohlwa wukutshela abantu ukuthi kungani kufanele baqhubeke nokuyilandela?
Uqhubekile wagandaya i-ANC noRamaphosa, wathi behlulekile wukuphatha izwe kufanele kuthathwe amandla.
UZuma uthe ngesikhathi exoshwa yena watshelwa ukuthi kufanele adedele uRamaphosa ngoba uza kahle.
“Bathi kimi lo mengameli ofakiwe ukhuluma into ethandwa abantu, ethi New Dawn, ngakho kufanele ngimdedele angene. Kuningi engangisafuna ukukwenzela abantu. Ngahlonipha, ngayohlala ekhaya kodwa namanje akukho ushintsho,’’ kusho uZuma.
Uthe kwasona isiqubulo esithi Thuma Mina, sekucacaile ukuthi yinganekwane, yinto engekho.
UZuma utshele abantu ukuthi kufanele bavotele uMkhonto weSizwe, kungenjalo ngeke baphinde bathole ithuba lokulungisa izwe.
“Uma sehluleke lapha bakwethu, cha sengiyohamba ngezinyawo ngiye eZulwini ngiyotshela oTambo ukuthi nihlule senginitshela. Kufanele sinqobe ngamalengiso, hhayi ngenkosi sikelela ukuze sishintshe imithetho,’’ kuchaza uZuma.
Ekhuluma KwaXimba ngeSonto, uNobhala Jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, uthe bazomamukela uZuma uma ebuyela kwi-ANC.