UKUHLOLWA kwezintombi yize kuyisiko elibukeka lisazoqhubeka isikhathi eside kodwa imithetho evikela izingane namantombazane isasilele emuva.
Lokhu kushiwo nguNksz Nokukhanya Biyela (26) osanda kuthola iMasters kwiChild Care and Protection eNyuvesi yaKwaZulu-Natal.
UNksz Biyela waseNdulinde, eMandeni, ubhale ucwaningo olubheka ukuthi ngabe ukuhlolwa kwezintombi kuyazivikela yini nokuthi kungasetshenziswa yini njengenye yezinto okumele zibhekwe ukuthi uma kuthuthukiswa abesifazane nezingane. Ubuye wabheka olunye ucwaningo olubheka ukuthi kungenzeka yini ukuthi abesifazane abenza lokhu bafeza izinhloso zabo zocansi nokuthi uma kungenzeka kuvele into enjalo kungalandelwa miphi imigomo.
Ukwenze lokhu ngokucwaninga ngomfundaze wezintombi owakhishwa wumasipala wasoThukela, iMaidens Busary Scheme (MBS). Wabuye wabheka umthetho ovikela amalungelo ezingane, i-Childrens Act ka-2005 isigaba esikhuluma ngokuhlolwa kwezintombi, eqhathanisa namaphuzu abekwa yizishoshovu ezilwela amalungelo ezithi ukuhlolwa kwezintombi kungukuhlukumeza ilungelo lezingane.
“Ucwaningo lwami belusebenzisa ulwazi oluvele lukhona emaphephandabeni, kwi-internet nakweminye imiqingo. Okwami bekuwukuthi ngilucubungule. Ngithole ukuthi umthetho ovikela izingane uzamile ukuhlangabezana nokufiswa yizishoshovu ezilwela amalungelo nokufiswa ngabalwela amasiko. Kulo mthetho kuthiwa intombazane ehlolwayo kumele ibe neminyaka ewu-16 kuya phezulu futhi kumele izivumele yona ngokusayina ifomu ukuthi iyathanda ukuhlolwa.”
UNKSZ Nokukhanya Biyela uthi kumele imigomo elawula ukuhlolwa kwezintombi ihambisane nesikhathi
Uthe uma ebheka umthetho ewuqhathanisa nomfundaze wasoThukela uthole ukuthi nakuba kwakungekho lapho uphoqa khona amantombazane ukuthi ahlolwe kodwa intombazane eyintombi nto kwakungenzeka iye kohlolwa ngoba ifuna ukuthola umfundaze osekusho ukuthi iphoqekile ukuthi ihlolwe.
“Ngasohlangothini lwesiqinisekiso sokuthi othi uyintombi umsulwa ngempela yini, ngithole ukuthi kungenzeka ukuthi ohlolwayo akasekho msulwa kodwa usebenzise okuthile ukuze omhlolayo abone sengathi umsulwa. Kuthiwa isitho sowesifazane siyalungiswa ngokuhlinzwa okwaziwa ngere-virginity.
“Ngokubona kwami lezi zinto zilibukela phansi isiko lokuhlolwa kwezintombi elikhuthaza ukuzigcina umsulwa kuze kushaye isikhathi esifanele.”
Ngokwemiphumela yocwaningo ukuzijabulisa ngokocansi kuhlukene kaningi, kukhona abajabuliswa ukubuka nokuthinta. “Uma kuhlolwa intombi umama ohlolayo uyayithinta isitho sayo manje kwaziwa kanjani ukuthi ohlolayo akakwenzeli ukuzijabulilsa? Uma kungenzeka kutholakale lokho akuveli futhi ukuthi ohlolayo angabhalwa kuphi ukuthi angabe esasondelana nezingane ukumvimbela ukuthi angaphinde awenze lo msebenzi kwenye indawo, njengoba kwenzeka kodokotela, osonhlalakahle nabanye abasebenza ngezingane amagama abo afakwa kwi-national register uma kutholakale ukuthi abaziphathanga kahle,” kusho yena.
Ngokubona kwakhe ukwelulekwa kwezintombi ngaphambi kokuthi zihlolwe kumele kwenziwe ngabantu abangazihloli.