Izazi zomlando namasiko zincoma isenzo seSilo SamaBandla uMisuzulu kaZwelithini ngokuqoka undunankulu kaZulu kanjalo nephini lakhe njengoba kuqede ukuqagela obekukhona.
ISilo simemezele ukuthi siqoke uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, njengondunankulu omusha kaZulu, kanjalo neNkosi Phathisizwe Chiliza waseMadungeni njengephini likandunankulu kaZulu.
Bethulwe ngokusemthethweni emgubheni weminyaka engu-145 wempi yaseSandlwana, lapho uZulu ahlula khona amaNgisi.
USolwazi Jabulani Maphalala oyisazi somlando namasiko, uthe sekuphelile ukuqagela ngesikhundla sikandunankulu njengoba bese kuphele izinyanga ezintathu isikhundla singenamuntu.
Uveze ukuthi akukho okusha ngokuthi undunankulu kaZulu abe nephini.
“Amasekela ayevele ekhona, ngisho uShaka wayenoNdunankulu uMdlaka esekelwa wuNgomane. UDingane wayenoNdlela kaSompisi esekelwa wuNzobo Dambuza wakwaNtombela, uMpande wayenoMasiphula esekelwa wuMnyamana. UCetshwayo wayenoMnyamane owayengenalo isekela. Ayiyintsha indaba yamasekela. Kwenza umsebenzi ube lula. UThulasizwe uzowenza kahle umsebenzi esebenzisana noChiliza,” kusho uMaphalala.
Uthe akukho ukuthi i-IFP izosondela kakhulu eNdlunkulu ngoba phela yize uButhelezi ewumholi we-IFP, kodwa kuyaziwa ukuthi Inkosi uChiliza iyilungu le-ANC, ike yaya ekudingisweni yaze yahola nomkhandlu wamakhosi iContralesa.
“Okuhle wukuthi undunankulu nesekela lakhe bazosebenzisana kahle ngoba azikho izinqumo abazozithatha bengabonisananga neSilo. ISilo naso siyamazisa undunankulu ngezindaba ezibalulekile ezithinta isizwe. Akukho ukuthi undunankulu uyena oyalela isizwe okuzokwenzeka kodwa bayabonisana. Kuhle ukuthi bavela emaqenjini epolitiki ehlukene. Ngalokhu iSilo besikhombisa abantu ukuthi ipolitiki yinto eyayikhona vele KwaZulu,” kuchaza uMaphalala.
Uthe uButhelezi noChiliza bahlalelwe wumsebenzi omkhulu wokulungisa udaba lomhlaba waKwaZulu, owathathwa wenziwa amapulazi ngesikhathi AmaZulu edudulelwa emaweni.
Ubalule ukuthi kufanele basungule isikhwama semali esizobhekela imicimbi nokunye okuthinta isizwe samaZulu esizobizwa ngeZulu National Fund, ukuze indlunkulu ingaceli uxhaso uma izokwenza imicimbi yesizwe.
USolwazi Sihawukele Ngubane oyisazi somlando, amasiko nezilimi oseNyuvesi yaKwaZulu-Natal, naye uvumile ukuthi akukho okusha ngokuqokwa kwesekela likandunankulu njengoba ayekhona nakudala.
Uthe ukuba khona komholi oqavile we-IFP kungaba nomthelela omuhle nomubi ngoba imibono yabantu ihlezi ihlukile.
“Ukuqokwa kukaButhelezi kuqeda ukuqagela. Uzowenza naye umsebenzi njengondunankulu waphambilini kodwa umehluko wukuthi uShenge (uMntwana wakwaPhindangene) ubesewenze isikhathi eside lo msebenzi. Uzofunda noButhelezi ngoba ubesondele kuMntwana. Ukuba yiMeya yaseZululand nokuba wumholi we-IFP ngeke kuwuphazamise umsebenzi wakhe wokuba wundunankulu. Akuholelwa ukuba wundunankulu kodwa abenza lo msebenzi basuke benothando lwesizwe,” kusho uNgubane.
Uthe ukuba khona kukaChiliza kuzokwenza isiqiniseko sokuthi imibono ye-IFP ayibonakali eNdlunkulu kodwa kwenzeka lokho okubalulekile esizweni.
IMbube ithe iqoke laba ngoba benamava futhi uButhelezi ufunde lukhulu kuMntwana wakwaPhindangene.