KULINDELEKE ukuthi uNgqongqoshe wamaPhoyisa noKhomishana wawo babe senkantolo uma sekuvela abasolwa abangu-15, ababoshelwe amacala okubalwa nawokubulala eNyuvesi iFort Hare.
UMnuz Bheki Cele, noGeneral Fannie Masemola balindeleke ukuthi namuhla bathamele icala eNkantolo yeMantshi eDimbaza, e-Eastern Cape.
Ithimba lamaphoyisa elabunjwa ukuze liphenye izigameko zokubulawa kwabantu enyuvesi, libophe abasolwa abangu-15.
Kuthiwa abasolwa baboshwe ngempelasonto ezifundazweni ezihlukene okubalwa iKwaZulu-Natal, Gauteng, Western Cape, nase-Eastern Cape.
Ukuboshwa kwabo kwenyusa isibalo sabantu ababoshelwe amacala athinta inyuvesi safinyelela ku-25.
Abasolwa babhekene noxhaxha lwamacala okuhlanganisa awenkohlakalo, ukukhwabanisa, awokuthumba, awokuzama ukubulala nawokubulala.
UGeneral Masemola uthe ithimba lamaphoyisa abalibumba ukuba liphenye futhi libophe abasolekayo, lizoqhubeka nokwenza umsebenzi walo ngaphandle kokwesaba nokwenzelela.
“Limatasa ithimba lamaphoyisa emsebenzini wokuthola umnyombo nokuthi ngobani abasekhaleni lenkohlakalo, ukukhwabanisa nokubulawa kwabantu kule nyuvesi,” kuchaza uMasemola.
Udalule nokuthi umsebenzi wabo ukuphenya bajule, baqoqe ubufakazi obuqanda ikhanda, kuthi uma befaka icala enkantolo nakanjani libagojele abasolwayo.
Umvusi wenyamazane kwaba yisehlakalo sokudutshulwa ngoyaba lwezinhlamvu kubulawe uMnuz Mboneni Vesele, ngoJanuwari 2023.
UVesele wayeneminyaka emihlanu engumqaphi wePhini likaShansela wenyuvesi, uSolwazi Sakhele Buhlungu. Wasocongelwa emotweni kaVesele, owayengekho ngaleso sikhathi.
Kuthiwa uBuhlungu wayekade etholelwe baqaphi emuva kokuthi ethole izinsongo zokuyiswa kwagoqanyawo ngesikhathi ephenya ngezinsolo ezazishaqisa zokwehliswa ngomlenze kwemali yenyuvesi.