ICALA lokubulala elibhekene nephoyisa elalisebenzela uMasipala weTheku kulindeleke ukuthi liloku lihlehla enkantolo kuze kufike uNovemba 8 lapho uMnuz Sizwe Ngema ezoyohlolwa ngawo ingqondo eFort Napier.
Emaphepheni asenkantolo abonwe yiSolezwe Ngempelasonto kuvele ukuthi umsolwa uzoyiswa kulesi sibhedlela sabagula ngengqondo ngoNovemba 8 nonyaka.
UNgema uthweswe icala lokugwaza abulale intombi yakhe wase efaka i-video ezinkundleni zokuxhumana.
Isenzo sikaNgema (27) othweswe icala lokubulala ngesihluku intombi yakhe, uNksz Bianca Khuzwayo (23), saba yindaba egudwini.
Lesi sigameko senzeka ngoMashi 31 kuwona lo nyaka.
Ngokwezinhlelo kuthiwa uNgema uzolokhu eya enkantolo kufike kuhlehliswe icala kuze kufike uNovemba 8 azoyohlolwa ngawo ingqondo.
NgoLwesihlanu uNgema ubevele eNkantolo yeMantshi yaseThekwini, icala laphinde lahlehliselwa uJulayi 25.
Ngaphambilini kwaba nesasasa elikhulu enkantolo kulindeleke ukuthi kumenyezelwe imiphumela yokuhlolwa kwakhe ingqondo kodwa kwavela ukuthi lokho akwenzekanga.
Azibanga khona izizathu ezibambekayo ezavezwa. UMshushisi uCalvin Govender waphakamisa ukuthi lolu hlelo lusheshe ukuze leli cala lizobonakala liba nenqubekela phambili.
Ngaphambilini kule nkantolo kwahlaluka ukuthi umsolwa akakhumbuli lutho ngokwenzeka ngosuku lwesigameko.
Lokhu kwavela embikweni kaDkt Jabulani Mthethwa onguchwepheshe ekucubunguleni indlela yokuziphatha kwabantu.
Ngemuva kwalokho uDkt Mthethwa waphakamisa ukuthi kungaba umbono ophusile ukuba umsolwa aphinde ayohlolisiswa kahle ukusebenza kwengqondo yakhe esibhedlela.