LUNIKWE amandla uphiko oluphenya amacala enziwa amaphoyisa kanjalo namaphoyisa kamasipala kuleli i-Independent Police Investigative Directorate (IPID), kulandela ukusayinwa komthetho nguMengameli Cyril Ramaphosa.
URamaphosa usayine umthetho i-Independent Police Investigative Directorate Amendment Act, ezonika i-IPID amandla okuphenya amacala enziwa amaphoyisa namaphoyisa kamasipala uma esemsebenzinini noma engekho.
Phambilini lolu phiko belunamandla okuphenya kuphela amacala enziwe amaphoyisa uma esemsebenzini.
Amacala azophenywa yilolu phiko asuke ebucayi okubalwa awokudlwengula, awokubulala namanye.
Okhulumela uRamaphosa uMnuz Vincent Magwenya, uthe lo mthetho usayinwe emuva kokubuyekezwa komthetho wango-2011 walolu phiko.
Uthe ngokwalo mthetho lolu phiko kumele lusebenze ngokuzimela futhi lungakhethi mabala.
“Kumele lungakhethi mabala, lusebenze ngaphandle kokwesaba nokwenzelela. Lolu phiko luzophenya wonke amacala enziwe amaphoyisa namaphoyisa kamasipala noma kuthiwa bebesemsebenzini noma bengekho. Luzophenya namacala okudlwengula enziwa amaphoyisa namaphoyisa kamasipala.”
Kuzokhumbuleka ukuthi lolu phiko lumandla ekuphenyeni amacala athinta amaphoyisa asuke edubule kwaze kwagcina kushona izigebengu.
Ngokwalo mthetho osayiniwe uNgqongqoshe wamaPhoyisa akasazokwazi ukuthatha izinyathelo zokuqondisa ubugwegwe isikhulu se-IPID, ngaphandle kokungenela kwePhalamende.
Okunye ngukuthi sekumele kuhlolisiswe kabanzi ngaphambi kokuqashwa kwesikhulu salolu phiko.
UMnuz Stephens Ramafoko, obhekele ezomthetho kwi-IPID, ekhuluma nesiteshi somsakazo iSAfm, uthe okusha ngukuthi lolu phiko selunikwe amandla athe xaxa okuphenya amacala enziwa amaphoyisa nakamasipala.
“Phambilini besingakwazi ukuphenya amacala enziwa amaphoyisa nakamasipala uma engasebenzi. Kodwa manje sesizokwazi ukuphenya amacala noma kuthiwa abengasebenzi.”
UMagwenya uthe uhlaka iCivilian Secretariat, lweluleka ungqongqoshe wamaphoyisa ngemigomo nangocwaningo
Uthe luqapha nokusebenza kwamaphoyisa luphinde luxhumane nezinhlaka ezehlukene ezingekho emnyangweni ngezinhlelo zokulwa nobugebengu.