NJENGOBA isizwe simagange ngozongena ezicathulweni zeSilo samaBandla wonke, uGoodwill Zwelithi kaBhekuzulu, kuvela ukuthi ifa loHlanga loMhlabathi lizofundwa kusasa.
Kepha akucaci ukuthi leli lifa liliqukethe yini igama laloyo ozongena esihlalweni sobukhosi.
Izindaba zokufundwa kwefa, zivezwe uNdunankulu kaZulu, INkosi Mangosuthu Buthelezi.
UButhelezi uveze ukuthi ifa leMbube lizofundwa kwinkonzo yesikhumbuzo ezokuba kusasa esigodlweni KwaKhethomthandayo, KwaNongoma.
UButhelezi ukusho lokhu ngesikhathi kunesithangami sabezindaba ebesibizelwe ukuzocacisa ngamalungiselelo okutshalwa kweSilo.
Ebuzwa ukuthi leli lifa lizocacisa yini ngozongena esihlalweni sobukhosi, uButhelezi akafunanga ukuphumela obala.
"Lokho kungaba ubudedengu uma ngingaqagela ngodaba olubucayi kanje futhi engingalwazi kahle. Empeleni kunabantu abaphethe ifa abaziyo ukuthi liquketheni, nami ngiyazifanela nani, angazi lutho."
UButhelezi uthe konke sekumi ngomumo.
Uthe Isilo sizotshalwa ebusuku namhlanje, wathi ubusuku banamhlanje bungasho intathakusa ngakusasa.
"Ngiyazi ukuthi incazelo ihlukile esiNgisini ngoba uma kuke kwashaya u-12 ebusuku kusuke sekungolunye usuku, kodwa thina uma sithi kusihlwa, kusho ukuthi kuyokube kungakasi."
UButhelezi uthe bazoyikhotha imbenge yomile labo abazophula imigomo ebekelwe ukugwema ukusabalala kobhubhane iCorona uma sekutshalwa Isilo.
UButhelezi uxwayise labo abathi bazotheleka ngobuningi KwaNongoma ukuzophelezela Isilo ngokuthi bazohlangana nezimbila zithutha.
Uthe ubesezwile ngezinhlelo zabantu abahlela ukunyomfa imigomo ebekelwe ukulwa nokusabalala kobhubhane iCorona.
"Ngiyakhumbula kweminye yemihlangano yokuhlela ukutshalwa kweSilo, ukuthi kwakukhona abantu ababethi noma ngabe iCorona ikhona noma ayikho, angeke bangayi ukuyophelezela Isilo.
"Ngiyajabula ukubika ukuthi sengixhumanile nezinhlaka ezahlukene zikahulumeni mayelana nodaba lwabantu asebelimise ngesihloko elokuthi bazotheleka ngezinkani KwaNongoma, bezophula imithetho ebekelwe ukugwema ukusabalala kweCorona. Zikhona izinhlelo esezenziwe ukuvimba lokhu.
"Kuyinto engajwayelekile ukuthi Isilo sitshalwe ngale ndlela, singaphelezelwa yizinkulungwane zabantu. Kepha njengamanje siphila ngaphansi kwesimo esingajwayelekile. Ukuvumela abantu abaningi, kuyokube kungukuphula umthetho."
Khonamanjalo; umkhulumeli weNdlunkulu, umNtwana Thulani Zulu, uthe ukutshalwa kweSilo kuzokuba yimfihlo, wathi bambalwa kakhulu abantu abazovumeleka.
Uthe Isilo sizolandwa namhlanje ngamabutho emakhazeni, bese kwenziwa amanye amasiko, nathe ayimfihlo, angeke awadalulele abezindaba.
UZulu ukuqinisekisile ukuthi uMengameli uMnuz Cyril Ramaphosa, uzokuba khona kwinkonzo yesikhumbuzo ezokuba kusasa.