WUMSHAWUSHILE okwebhodwe lasehhotela kubathungi nabasabalalisi bezingubo zokugqoka selokhu kwethulwe iqembu elisha, uMkhonto weSizwe (MK) elihamba nowayengumengameli uMnuz Jacob Zuma.
Yiqembu eliqale ukuba sematheni ngesikhathi lethulwa nguZuma ngoDisemba, eSoweto, wathi ngeke esakhankasela aphinde avotele i-ANC.
UZuma, ngesikhathi ethula iqembu, wafika esevele edlubhe izimpahla ze-MK) ezidle ngombala oluhlaza satshani nokumhlophe nokumnyama.
Emuva kwalokho iqembu i-MK lisakazeke nezwe lonke abantu bejoyina ubuthaphuthaphu. Kuthe kusuka kwakuvumbuka izimpahla zeqembu zagcwala yonke indawo nasezinkundleni zokuxhumana.
I-MK ibhoke ngezikibha, amajakhethi, izigqoko nokunye. Isolezwe lithole ukuthi izikibha zisuka ku-R100, R150, R250 kuya ku-R350, kushiyana izinhlobo nabantu abazidayisayo. Izigqoko ezingamakepisi, ezingathi ziwubheseni namabherethi zona ziko-R100.
Kuvela abantu bedlubhe lo mfaniswano bethwebula izithombe, kubonakala ukuthi kuhle kudelile. Abawugayayo lo mfaniswano bayaqhudelana befaka izimphahla bashiye nezinombolo betshela abantu ukuthi bathenge izimpahla ngobuningi.
Isolezwe likhulume nabanye babadayisi balezi zimpahla. UBen Fistoz, osebenzela eSangro House, eThekwini, uthe sebeqalile bayafika kuyena befuna izimpahla ze-MK Party.
“Sebeke bafika impela noma bebengakabi baningi ngoba bengiqala ukuzenza kodwa manje senginalo uphawu. Mina ngenzela wonke umuntu izimpahla, angikhethi wonke amaqembu ngiyawenzela,’’ kusho uBen Fistoz.
Nakuba abanye besaba ukuphumela obala kodwa bayasho ukuthi kudilika umthangala abantu bazifuna la izimpahla. Omunye wesilisa othungayo uthe impela kuhamba kahle kakhulu.
“Mina phela ngiyabasiza impela abantu uma bezifuna, zihamba ubuthaphuthaphu azihlali. Ngiyesaba phela ukuhamba ngivela nasemaphepheni ngoba ngingaze ngigaxele. Impela wona uMkhonto ufike nebhizinisi elihle kabi,’’ kusho le nsizwa.
Enye ivumile ukuthi iyazidayisa impela izikibha kodwa izwakala ukuthi iyangabaza ukukhuluma, yaze yathi ayibuye ithintwe isazocabanga kahle.
Ithe impela kushunqa uthuli, iyathunga isabalalise futhi ithanda ukuthi avulekile amasango aboMkhonto, abavimbe muntu.
Indaba yomfaniswano wamaqembu idla lubi njengoba kulungiselwa ukhetho lukazwelonke oluzoba maphakathi nonyaka.