UMMANGALELWA wesihlanu ecaleni lokugwazelwa kwamaphoyisa ngo-R120 000 ukuze alahlekise ubufakazi ecaleni lokubulala elalibhekene noyise, ushaqise izethameli eNkantolo yesiFunda ePinetown ukuthi akudikizanga nqulu ngokuboshwa kukayise.
UMnuz Lindokuhle Mbonambi (osebenzisa isibongo sakoninalume) uthe okwamenza wangaphatheka kabi ukuthi wayengaqali ukuboshwa uyise ngoba wayengena ephuma ejele.
"Wayeke aboshwe, aphinde aphume. Wayengalibambile kangako iqhaza empilweni yami, kangangoba ngangingakaze ngiphatheke kabi ngokuboshwa kwakhe," kusho uMbonambi.
Ubekhuluma ngoyise ongummangalelwa wesithathu, uFelokwakhe Ndlovu odonsa udilikajele ngokubulala umzala wakhe owayephinde abe ngunobhala wegatsha le-ANC KwaNdengezi, uMnuz Thulani Nxumalo.
Ubethula ubufakazi ngoLwesihlanu eluswa ngemibuzo ummeli wakhe njengoba esolwa wuMbuso ukuthi nguye owafihla isibhamu sikayise esasetshenziswa ngesikhathi kubulawa uNxumalo.
UMbonambi ulandulile enkantolo ukuthi wayekhathazekile ngokuboshwa kukayise wase ehlangana nowesilisa okuthiwa uMnuz Sphephelo Ndlovu (ambize ngobhuti wakhe kodwa abanesibongo esifanayo).
Kusolwa ukuthi wabizelwa yile ndoda esontweni ukuze ayothola ukudla komphefumulo futhi akhulekelwe, nokwathi seliphumile isonto bobabili bahamba ngemoto baya kwaNdlovu (Felokwakhe).
Lapha kuthiwa uMbonambi waphuma esephethe okuthile okwakukade kusongwe ngoplastiki wakunika uNdlovu (Siphephelo) wayomgcinela khona kubo.
Ekugcineni kwavela ukuthi kwakuyisibhamu esasinezinhlamvu, waboshwa uNdlovu (Siphephelo) emva kwezinyangana kwaxhakathiswa uMbonambi.
UMbonambi uyazihlangula kulobu bufakazi obethulwa enkantolo wuNdlovu (Siphephelo). Uthi uyabhecwa, akazi kwenziwelani lokhu.
Kwabanye abamangalelwa abagqigqa inkantolo kubalwa owayeyiphoyisa elinguKaputeni, owayephenya icala lokubulawa kukaNxumalo, uMnuz Bonginkosi Dlamini; uNkk Sibongile Ndlovu nomyeni wakhe uFelokwakhe kanye nowayengumphathi wesiteshi samaphoyisa saseBhekithemba eMlaza, uMnuz Khephu Ndlovu.
Bonke bayawaphika amacala abathweswe wona, okungelokufumbathisa nelokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho.
Ingqikithi yecala loMbuso wumhlangano okuthiwa wabanjwa wuNdlovu (Khephu) noNkk Ndlovu nabanye besilisa ababili lapho kupakwa khona izimoto ezize esiteshini samaphoyisa iDurban Central.
Kusolakala ukuthi yilapho uNdlovu afumbathiswa khona uR120 000 ukuze asebenzise isikhundla sokuba usomaqhuzu emaphoyiseni ashabalalise ubufakazi, okuyinto ayikhahlela ngezinyawo zombili.
Bobabili oNdlovu (uKhephu noFelokwakhe) ngabandawonye. UDlamini nabashadikazi bagqunywe ezitokisini benqatshelwa ibheyili.
Icala liqhubeka enkantolo efanayo ngoLwesibili.