UMNDENI wewele laseWestrich eNewlands West ebelithunjiwe ufuna aboshwe ngokushesha umbulali.
Isidumbu sikaSibusiso Mpangase (9) obesekuphele amasonto amabili edukile kuthiwa sitholwe ngabadobi sintanta emfuleni uMngeni ngoLwesithathu olwedlule.
Kwakubikwe ukuthi uthunjwe yindoda engaziwa eyayihamba ngeToyota Etios e-silver grey ngoMashi 20 ebuya kodlala epaki yendawo.
Ngesikhathi kwenzeka isehlakalo, uSibusiso kuthiwa wayehamba newele lakhe nenye ingane (14) yakubo.
Umalumekazi kaSibusiso, uNksz Thobile Mpangase uthe bafuna kuboshwe umbulali.
“Amaphoyisa awasisize asitholele umbulali, ambambe, ambophe ngento asenze yona,” kusho uNksz Mpangase.
Echaza ngesimo abeyiso uSibusiso ngesikhathi umndeni uyoqinisekisa ukuthi nguye yini, uthe isikhumba besiphalwe sonke, iso lingekho, ekhanda egundiwe ezinye izinwele zishuthekwe ebuchosheni, kukhona izinzwane ezisikiwe, kwaphinde kwasikwa nengxenye yesitho sakhe sangasese.
Uveze ukuthi ukungabonakali kahle kwakhe ngenxa yokucwiywa kwenze amalungu omndeni abeyoqinisekisa ngoLwesithathu atholwe ngalo, abuya ethi akuyena.
Uthe kuze kwaba amalungu omndeni aye ngoLwesine abone ukuthi uyena emva kokucela abasemakhazeni ukuthi bawashe izimpahla abezigqokile.
Uthe emuva kokuwashwa kwezingubo bakwazile ukubona ukuthi nguyena, kwazise bezifana nayezigqoke ngosuku anyamalala ngalo.
“Sikholwa ukuthi umuntu owamthumba wayenolwazi lonke lokuthi uyiwele uSibusiso. Futhi sikholwa ukuthi ucwiye ezinye izitho zomzimba wakhe ukuze ayothwala ngazo ngoba kuye kushiwo ukuthi abantu abangamawele, banenhlanhla,” usho kanje.
Ngesikhathi Isolezwe libika ngokuthunjwa kukaSibusiso ngeledlule, uNksz Mpangase washo ukuthi owesilisa osolwa ngokuthumba uSibusiso wazenza umuntu omthuma esitolo ukuthi ayomthengela ugwayi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda ukuqinisekisile ukuthi isidumbu sikaSibusiso sitholakele, kwavulwa idokodo lokufa komuntu, imbangela yokufa kwakhe ayikaziwa njengoba kusalindwe imiphumelela yokuhlolwa kwesidumbu.