LITHINTE amalakazane iJaji Ratha Mokgoatlheng, eliqula icala lokubulawa kukaSenzo Meyiwa, ngamagama eliwashilo lisola abameli abamnyama ngobuhlathi.
Inhlangano yabameli abamnyama iBlack Lawyers Association (BLA), ithe ifuna umhlangano neNhloko yamaJaji eGauteng, uJaji Dunstan Mlambo.
IJaji belihlalele udaba ngoLwesithathu lapho elikhulume khona amagama okuthiwa awanambitheki kubameli abamnyama. Inhlangano yabameli ikholwa wukuthi ijaji likhulume leqisa laze lasho okungafanele.
IJaji licasulwe wukungafiki kommeli u-Advocate Thulani Mngomezulu enkantolo okuthiwa ubike kumsizi weJaji nakozakwabo ukuthi akezi. IJaji lidinwe wukuthi uMngomzeulu akalithintanga lona ngqo alazise ngokulova kwalo.
UMeyiwa owayeyisilomo se-Orlando Pirates neBafana Bafana, wadutshulwa wabulawa ekubo kwentombi yakhe uKelly Khumalo eVosloorus, eGauteng ngo-2014.
Icala liyaqulwa eNkantolo eNkulu ePitoli kanti bahlanu abalisa abasebhokisini okuthiwa yibona abacoboshisa uMeyiwa.
IJaji belibonakala ukuthi licikekile ngalo ludaba.
“Yiyona ndlela abameli abamnyama abasebenza ngayo le, mhlambe angithi abanye babo? Kungathi engangibikelanga mina? Ngabe yiyona ndlela ummeli oqeqesheke kahle okumele enze ngayo le?
“Ngize ngithola umyalezo kumsizi wami kodwa ummeli akalifoneli ijaji futhi kulindeleke ukuthi lona lisineke lijabule ngoba ummeli omnyama,’’ kusho iJaji lilinganisa ukuhleka.
UMengameli weBLA uMnuz Nkosana Mvundlela, uthe abeneme ngendlela iJaji elikhulume ngayo futhi kufanele lulungiswe lo ludaba ngokushesha.
“Kungaba yishwa ukuthi unemibono enjalo, kungabe impela kuthunaza umsebenzi wabo bonke abameli kuleli.
“Kungaba kubi ukuthi iJaji elihlonishwa njengaleli, licabange ukuthi uzakwethu wenze lokhu okuthiwa ukwenzile ngoba emnyama,’’ kusho uMvundlela.
IJaji Mokgoatlheng aliqali ukuba sematheni ngokuphawula kwalo enkantolo. Phambilini lake lathathana no-Advocate Zandile Mshololo kodwa naye wama ekutheni kufanele iJaji limhloniphe ngoba uwummeli.
Kulindeleke ukuthi icala lokufa kukaMeyiwa libuyele enkantolo namuhla lapho kuzoqhubeka khona ubufakazi.