Lowo ozibiza ngomphrofethi waseGoli uShepherd Bushiri nonkosikazi wakhe uMary bazozwa namuhla ukuthi inkantolo enkulu yaseMalawi izobabuyisela yini eNingizimu Afrika ukuze bazobhekana namacala abucayi okukhwabanisa ahlanganisa imali engaphezu kuka-R100 million.
Lezi zithandani ezivutha bhe zeqa ibheyili eNingizimu Afrika zabaleka kuleli. Kuze kube namuhla kuseyindaba ecatshangelwayo ukuthi laba abebefunwa uthuli balishiya kanjani leli zwe.
UBushiri nomkakhe basolwa ngokukhwabanisa, ukweba kanye nokushushumbisa imali esigamekweni okusolakala ukuthi baqola abatshalizimali imali elinganiselwa ku-R102 million.
Ngaphezu kwalokho, uBushiri ubhekene namacala ayisishiyagalombili okudlwengula.
AbakwaBushiri nabanye abasolwa badedelwe ngebheyili ngoJuni nyakenye ngaphambi kokuthi abakwaBushiri beqe babuyele kwelakubo eMalawi.
Ekhuluma nabalandeli bakhe ezinkundleni zokuxhumana baseMalawi, uBushiri uthe isinqumo sakhe sokweqa ibheyili "iqhinga lobuhlakani elalihlose ukusindisa impilo yabantu".
Iziphathimandla zaseNingizimu Afrika zaluqala lapho uhlelo lokuthi abuyiswe kuleli nokuyilapho udaba lwakhe lwadluliselwa khona enkantolo.
Inkantolo enkulu yaseLilongwe ibheka udaba lokuthi ngabe bavumelekile na ofakazi bakuleli ukuba bahambele eMalawi ukuyothula ubufakazi babo. Kuzokhumbuleka ukuthi lesi sicelo safakwa enkantolo kaMantshi khona kuleliya lizwe sagunyazwa, kodwa umbuso wasiphikisa leso sinqumo.