LIKHUPHUKILE izinga lokuphasa lika-matric KwaZulu-Natal njengoba lisuke ku-86.4% ngo-2023 laya ku-89.5% ngo-2024.
Leli zinga lenyuke phezu kwezingqinamba eziningi ezibhekene nomnyango esifundazweni.
Le miphumela imenyezelwe ngoMsombuluko ebusuku nguNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo uNksz Siviwe Gwarube, eGoli.
UNksz Gwarube udalule ukuthi iKZN isesendaweni yesibili, ilandela iFree State.
Nyakenye i-KZN yayisendaweni yesibili kanti iFree State ikuphindile lokho ngokuthi iqhubeke ihlale endaweni yokuqala, ishaya zonke izifundazwe zakuleli.
Umnyango wesifundazwe ngomunye weminyango emikhulu kuleli ngesibalo sabafundi. Ngisho kwababhala u-matric iKZN iyona ehlale inesibalo esiphezulu sabafundi ababhala leli banga.
Umnyango waseKZN ubhekene nengwadla yokushoda kwemali ngenxa yokunqanyulwa kwesabelomali.
Le nkinga yenza ukuthi kube nokungqubuzana phakathi kwezikhulu zomnyango, kanjalo nezinyunyana zothisha ngenxa yokuthi azivalwa izikhala zothisha abasuke beya emalivini ngenxa yokushoda kwemali.
Ekhuluma esidlweni sasekuseni nabafundi abenze kahle ku-matric uNksz Gwarube uncome laba bafundi ngokwenza kahle phezu kwezinselelo eziningi.
Uthe leli qoqo elibhale u-matric lathwala kanzima ngesikhathi kuhlasele ubhubhane iCovid-19 kuleli.
“Kwavalwa izikole ngenxa yeCovid kodwa nabekezela nafunda, manje niphase kahle. Izinselelo ezibakhona aziyona imigoqo yokukuvimba kodwa eyokuthi ukwazi ukudlulela phambili,” kusho uNksz Gwarube.
Uthe iningi labafundi abenze kahle aliqhamuki emizini ecebile.
“Okubalulekile ngukuthi abafundi bethu abangu-13 million bathole imfundo esezingeni. Kumele siqhubeke nokubeka ezemfundo phambili,” kusho uNksz Gwarube.
Uthe kudingeka kuliwe nesihlava sentsha engasebenzi kuleli.
“Lokhu singakwenza uma imfundo yethu isezingeni. Qhubekani nenze okuhle nalapho niya khona.”
Unobhala weSadtu esifundazweni, uNksz Nomarashiya Caluza, uthe bebelindele ukuthi imiphumela inyuke ngoba othisha basebenze kanzima.
Uthe othisha bebezikhandla befundisa ngamaholidi nangezimpelasonto.
“Zikhona izinselelo kodwa othisha basebenze kanzima yingakho izinga linyukile. Othisha babeka phambili abafundi bavolontiye noma bazi ukuthi ngeke bathole lutho. Okubajabulisayo ukubona imiphumela emihle.”