SEKUQUBUKE ukukhathazeka ngokwanda kwabantu abadala (50-54), abane-HIV eGauteng, okuvele ukuthi isibalo sabo sesinyukele ku-32.2% ngo-2022, sisuka ku-20.8% ngo-2017.
USolwazi Khangelani Zuma we-Human Sciences Research Council (HSRC), okuwuyena obehola lolu cwaningo, uthe abakutholile wukuthi abantu abane-HIV sebephila isikhathi eside ngenxa yokuthi badla imishanguzo yalesi sifo.
“Okusikhathazayo wukuthi njengoba sanda isibalo sabantu abadala abane-HIV kusho ukuthi - ngaphandle kwalabo abadla imishanguzo yabo - kukhona nabanye abasuke beqala ukuthola ukuthi bane-HIV. Lokhu sikusho ngoba isibalo sabo sikhuphukile kuleso sango-2017.”
Uthe ucwaningo lwenziwe kubantu baseTshwane, Ekurhuleni, eGoli, Sedibeng naseWest Rand.
“Abantu abadla imishanguzo banyuke bafinyelela ku-73.4% eGauteng, ngo-2017 lesi sibalo sasiku-56.0%. Kuvela ukuthi abesifazane yibona abadla kakhulu imishanguzo njengoba isibalo sabo siku-75% bese esamadoda sibe ku-66.3%. Sibuye sathola ukuthi kusenabantu abangazihloli i-HIV njengoba u-61.8% wabantu abaneminyaka ewu-25-49 bethe abazihloli.”
Uthe phakathi kwezinto ezenza sinyuke isibalo sabaphila ne-HIV wukushesha uzimbandakanye nocansi njengoba abanye abacwaningiwe beveze ukuthi baqale ukuya ocansini beneminyaka engaphansi kuka-15.
Okunye wukulala nabantu abahlukene nokungenzi ucansi oluphephile.
Ubalule ukuthi u-70% wabacwaningiwe uthe awuwasebenzisi amakhondomu noma uwasebenzisa ngezikhathi ezithile.
Ugqugquzele uhulumeni ukuba andise imikhankaso yokuqwashisa nge-HIV, agqugquzele abesilisa ukuba basoke, andise imikhankaso yokusetshenziswa kwePreP. Uphinde wanxusa ukuthi kufundiswe nabesifazane namantombazane ngezindaba ze-HIV njengoba kuseyibona abangenwa kakhulu yiyo.