LIPHENDUKE umantuntanendishi ikhansela le-ANC kuMasipala weTheku, uMnuz Thanduxolo Sabelo, emuva kokuphuma kwesinqumo sokumdiliza esikhundleni sikasotswebhu wesigungu somkhandlu (Whip of Exco).
Ubuholi be-ANC obusha esiFundeni seTheku, bumemezele ukuthi uSabelo uzosuswa kufakwe uMnuz Nkosenhle Madlala, oyiPhini likaNobhala weSifunda. Kuthiwa uSabelo uphuthume wabika udaba kwi-ANC esifundazweni, ecela ukucaciselwa ukuthi esule yini. Kuthiwa udaba luphindiselwe ebuholini besifunda.
USabelo ngesikhathi kuyiwa engqungqutheleni ubehamba nohlangothi lukaMnuz Thabani Nyawose, yena egaqele esephini likanobhala wakhala ngaphansi. Uke waba wunobhala we-ANC Youth League KwaZulu-Natal, saphela isikhathi sabo bagcina behlakazwa, wasala engenasikhundla enhlanganweni yakhe. Ukungabi nasikhundla kushiya imibuzo ngekusasa lakhe kwezepolitiki.
UNobhala we-ANC eThekwin, uMnuz Musa Nciki, uluchazile udaba lukaSabelo nesizathu esenze kwaba noguquko emkhandlwini. Uthe balungisa izinto ukuze zime ngononina bese kusebenzeka kahle kanti abalwi namuntu.
“Unobhala unomsebenzi wokuqapha ukusebenza kwamakhansela kodwa ngoba yena akayi emkhandlwini, ujuba iphini lakhe libe yiso. Ngesikhathi kubekwa umkhandlu babungekho ubuholi besifunda kwaze kwabekwa uSabelo ukuthi abambe kwesikasotswebhu wesigungu somkhandlu, manje selikhona iphini likanobhala okufanele lenze lowo msebenzi,’’ kuchaza uNciki.
UNciki uthe ngeke balwe nabantu abebengahambisani nabo engqungqutheleni futhi uNyawose ngeke ahoxiswe kwesikasomlomo. Uthe babheka ukusebenza kwamalungu ajutshwe ezikhundleni bese bethatha izinqumo.
Uthe isinqumo sithathiwe simile futhi uSabelo kufanele asamukele asondele ebuholini uma kukhona afuna ukucaciseleka kukhona.
USabelo uzanywe kaningi ocingweni lwakhe engalubambi, wathunyelelwa imiyalezo kwangabuya mpendulo.