UTHOLWE enecala lokubulala ngenhloso owesilisa waseNtuzuma, owangqubuza intombi ayekipite nayo ngekhanda odongeni kasikhombisa yaze yafa eyisola ngokuthi isiqomile.
UMxolisi Mvula (30) wabulala uNksz Phindile Mkhize(21) ngoDisemba 2 2022, kulandela ukuthi engalalanga endlini ababekipite kuyona eLindelani.
Kuleso sigameko kuvela ukuthi uMvula, owucecevana ngokomzimba, wayedinwe egane unwabu esho nokusho ukuthi ukungalali endlini kowayeyintombi yakhe kwakusho ukuthi usenelinye isoka alale kulo. Kuvelile enkantolo ukuthi umufi wayelale kwadadewabo ngenxa yokuthi babengazwananga noMvula. Ubuya nje ekuseni wayesezothatha izimpahla zakhe ukuze abuyele ekhaya.
Kuthiwa wamngqubuza odongeni kaningi, maqede wamgxoba nasebusweni nasekhanda, konke ekwenza ngesankahlu nelukuluku lokudinwa.
Umufi kuthiwa washonela endaweni yesigameko. Ngemuva kwalokho ummangalelwa wathi nyawo zami ngibelethe kodwa wagcina ekhalelwe ngamasongo kaSigonyela.
NgoMsombuluko, uMvula okhanyayo ngokwebala, ubebukeka sengathi akazi nokuthi lidumephi. INkantolo yeMantshi yaseNtuzuma, ikhiphe isinqumo yamlahla ngecala lokubulala ngenhloso.
IMantshi uMohamed Montala, ikhale ngesihluku esikhonjiswe ngummangalelwa kumufi.
Imantshi isebenzise ubufakazi obethulwa nguDkt Naidoo onguchwepheshe osenolwazi olunzulu lokuhlolwa kwezidumbu.
Lo chwepheshe wenekela inkantolo ngendlela alimala ngayo ekhanda umufi. Waveza ukuthi igazi elilinganiselwa ku-100 mm lachithekela ebuchosheni.
"Indlela igazi elachitheka ngayo ebuchosheni uchwepheshe ohlola izidumbu waveza ukuthi kwakubangelwa yisankahlu ummangalelwa ayesisebenzisa ngesikhathi engqubuza umufi odongweni ephindelela,'' kusho iMantshi.
Iqhuba ithe kuvela ukuthi ummangalelwa wamngqubuza umufi izikhawu eziyisikhombisa okuwubufakazi bokuthi wayehlosile ukumbulala.
"Ukube wawungahlosile ukumbulala umufi wawungeke umngqubuze odongweni izikhawu eziningi kangaka. Yingakho namhlanje ngikuthola unecala lokubulala ngenhloso,'' isho kanje imantshi ibhekise kummangalelwa.
IMantshi isebenzise ubufakazi obethulwa ngufakazi owayekhona ngesikhathi sesigameko, uNksz Sithembile Mkhize.
Ithe ubufakazi obethulwa yilo fakazi buyabambeka futhi abuzange bushiye inkantolo nongabazane ngokwenzeka ngosuku lwesigameko.
Kuvele nokuthi kunofakazi abapendele inkantolo isithombe sokuthi umufi wayesebudlelwaneni bothando obabuhlukumeza.
Kubikwa ukuthi ngesikhathi engalalanga nesoka lakhe wayekade elale nodadewawo, wavuka ekuseni wamncenga ukuba amphelezele ukuze ayolanda izimpahla zakhe kubo kwesoka.
"Lokhu kokuthi umufi wayezolanda izimpahla zakhe kubo kukammangalelwa kuveza ngokusobala ukuthi wayesezinhlelweni zokuphuma kulolu thando,'' kuqhuba iMantshi.
UMshushisi u-Advocate Kaystree Ramsamujh, uchaze ummangalelwa njengomqambi manga wakhala ngobufakazi obushayisanayo abethulela inkantolo.
Uthe ukholwa ukuthi konke ummangalelwa wayevele ekuhlosile. Ukhale ngokuthi ummangalelwa waqamba amanga wathi umufi washayeka ngephutha odongeni kade bebanga iselula ekubeni umufi wayengenayo (iselula) ngesikhathi sesigameko.
Kuvele nokuthi ngo-Okthoba 2022, ummangalelwa wake washaya walimaza umufi waze wavuvukala umlomo.
Unina kamufi uNkk Vuyile Mkhize ubonge ukuthi ummangalelwa ulahlwe yicala.
"Ngiyabonga ukuthi ekugcineni ubulungiswa bubonakala benzeka ngokubulawa komtanami. Manje sengifisa ukuthi athole isigwebo esimfanele,'' usho kanje uNkk Mkhize.
Omunye obesenkantolo, uNkk Thokozani Khumalo, uSihlalo wenhlangano uBambiswano, ebhekekelele ukuhlukunyezwa kwabesifazane eLindelani, uthe bajabule ngokuthi inkantolo imthole enecala ummangalelwa.
Namhlanje inkantolo izokhipha isigwebo sikammangalelwa.