LIHOLWA wumakadebona onguMnuz Willies Mchunu ithimba eliphenya isikhulu se-ANC KwaZulu-Natal uMnuz Jomo Sibiya, osematheni ngempi ephakathi kwakhe nowesifazane othi bake bathandana baze bathola ingane. Owesifazane usola uSibiya ngokuzama ukumhushulisa isisu, ephika ingane.
UNobhala we-ANC KwaZulu-Natal uMnuz Mdumiseni Ntuli uthi udaba lubekwe ezithebeni base benquma ukuqala uphenyo ukuze kuhlale obala konke.
Uthi ithimba elizophenya udaba liholwa wumholi oyinkunzi esiluvava uMchunu, osanda kuphuma kwesikandunankulu wesifundazwe. Kumanje uMchunu uyiPhini likaSihlalo wekomiti elihlela, leluleke uhulumeni wesifundazwe.
I-ANC ithole izikhalo eziningi ngalolu daba luze lwafika ehhovisi likanobhala wesifundazwe.
"Uphenyo luzoholwa wuqabane uMchunu osemnkantshubomvu nesimaziyo, uzosilekelela ukuthi sithole lonke iqiniso.
"Luzosingathwa ngendlela ehloniphekile futhi sicela amalungu e-ANC ahloniphe lolu daba, angahambi elweneka esidlangaleni," kunxusa uNtuli.
Uqhube wathi babeke amasonto amabili ukuthi kusetshenzwe udaba kodwa sekuzoya ngokuthi umsebenzi uqhubeka kanjani kepha banethemba lokuthi ngeke kube ngaphezu kwenyanga.
Uthe bazonika wonke umuntu ithuba lokuchaza.
"Yithuba elizonika uqabane uSibiya nabanye ukuthi balulande kahle udaba ukuze kucace ukuthi kwenzekani."
Kuze kuqale uphenyo nje yingoba uSibiya oyilungu lesiShayamthetho noSihlalo wekomidi lezeMfundo, uke watholana phezulu noNksz Nokwanda Ndlovu kubangwa indaba yengane kuFacebook.
USibiya uze wavulela uNksz Ndlovu icala waboshwa walala esitokisini nosana, wavela nasenkantolo.
UNksz Ndlovu ulokhu emile ekutheni wajola noSibiya baze baba nengane, wayiphika. UNtuli uthi i-ANC ilwela ukuhlukunyezwa kwabesifazane futhi iyohlala iyinqaba yokuphephela kubantu abazizwa behlukumezeka emphakathini. Wathi ngalokhu kabasho ukuthi kukhona abamlahla ngecala kulolu daba ngoba lusazophenywa.