INKANTOLO yesiFunda eCamperdown, iligwebe iminyaka ewu-15 isosha lombutho wezempi, ebelibhekene necala lokubulala umkalo.
UMnuz Bernard Mandlenkosi Zondi (53), ongusayitsheni wombutho wezempi (SANDF), ugwetshelwe ukubulala uNksz Nonkululeko Majola (36) ngoLwesihlanu, esigamekweni esenzeka emzini wabo elokishini iMpumalanga ngoJulayi ka-2018.
Yize uZondi waveza ukuthi umkakhe wazibulala kodwa uMbuso ubulokhu umile kwelokuthi nguye owambulala ngokumdubula ngesibhamu sakhe somsebenzi.
UMbuso, umelwe wuMshushisi uMfundo Pepu, ukwazile ukuveza ubufakazi obuqinile bokuthi uZondi nguye ngempela owabulala uNksz Majola.
Sekukhishwa isigwebo, uPepu usebenzise ubufakazi besitatimende esichaza ukuthi icala elenziwe wuZondi liwuthikameze kanjani umndeni wakwaMajola, ongumndeni kamufi.
Esitatimendeni abomndeni wakwaMajola, okungabazali bakamufi bakhale ngokulahlekelwa yindodakazi nokuthi babelindele ukuthi uZondi anayikekele, hhayi ukuthi abe yisizathu sokushona kwayo.
Sekugwetshwa uZondi, inkantolo ayingabazanga ukumgweba iminyaka ewu-15 ebhadla ekhulukuthu, yaphinde yenza nombandela othi akafanele abe nesibhamu.
Okhulumela abophiko lwezokushushisa, iNPA, KwaZuluNatal, uNksz Natasha Ramkisson-Kara, uthe basishayela ihlombe isigwebo esinikwe uZondi.
“Ukulwa nokuqeda udlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane, ngenye yezinto ezisemkhonweni wethu ngakho sikubonga kakhulu okwenziwe wumshushisi namaphoyisa kuleli cala,” kusho uNksz Ramkisson-Kara.