Lifihlwe ngesizotha iphoyisa elidutshulwe nelinye esigamekweniUKHALE ngobulwane ezigebengwini uNgqongqoshe wamaPhoyisa kuzwelonke, uMnuz Senzo Mchunu, kungcwatshwa iphoyisa elabulawa nomphathi siteshi eHammarsdale. UWarrant Officer Moses Dumisani Ndlovu, obengumphathi wabaseshi esiteshini samaphoyisa eHammarsdale, wadutshulwa wabulawa noCaptain Danasegran Pather eCliffdale, ngoMgqibelo odlule. Kulesi sigameko kwaphinde kwabulawa owesifazane uNkk Thulisile Majola nendodakazi (67) yakhe uNksz Phindile Majola (38). Laba abane badutshulwa nje, kwakulungiselelwa umlindelo kaNobuhle Majola (16) noNksz Nomfundo Majola (23), okuthiwa umsolwa ofanayo wayebadubule KwaBhontshisi, eClermont, ngempelasonto eyayendulela eyesigameko. Emngcwabeni kaW/O Ndlovu kuvele ukuthi ubesesebenze embuthweni wamaphoyisa iminyaka engu-36. Umngcwabo ubuhanjelwe nawuKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke, uGeneral Fannie Masemola, Isekela lakhe uLieutenant General Tebello Mosikili noKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi. USIZI belubhalwe ebusweni emaphoyiseni abethamele inkonzo yokuphelezela uWarrant Officer Moses Dumisani Ndlovu oshone nomphathi siteshi wakhe eHammarsdale, behambele indawo yesigameko okubulawe kuso ababiliUMNGCWABO kaWarrant Officer Moses Dumisani Ndlovu ubuhanjelwe wuKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke, uGeneral Fannie Masemola, isekela lakhe uLieutenant General Tebello Mosikili, uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla MkhwanaziSAPS | MurderShare this article:ShareTweetShareShareEmailRead Next:Kwethulwe isikhungo esizosiza abalimi eMshwathi