UBUYELA enkantolo ngoMsombuluko uMnuz Malesela Teffo, oboshelwe amacala okushaya nelokukhwabanisa imali. UTeffo, owaduma ecaleni lokubulawa kukaSenzo Meyiwa, uvele eNkantolo yeMantshi ePitoli ebhekene necala lokucekela phansi impahla, ukushaya nokukhwabanisa.
Okhulumela uphiko lwezokuShushiswa koMphakathi eGauteng, uNksz Lumka Mahanjana, uchaze kabanzi ngamacala kaTeffo. UTeffo uboshwe ngoLwesibili kuleli sonto futhi usabhadle esitokisini.
Kuthiwa uTeffo wayeqashe amahhovisi eProtea Towers, ngo-Ephreli 21 wayalelwa ukuthi angabe esalubhada khona akavumelekile. Kuthiwa ngoJulayi 29, uTeffo ungene ebhilidini ngendlovuyangena ehamba nenkampani evula okhiye. Kuthiwa uTeffo, nendoda ayehamba nayo, bagqekeza kanti umqaphi uyabaqopha ngeselula.
Kuvele ukuthi kwabe umqaphi useyinyathele emsileni kuTeffo ngesenzo sakhe, kwathi akamudle amfele emshaya kodwa umqaphi wabaleka waze wayofika emaphoyiseni. Kuvele nokuthi uTeffo waqeda ukugqekeza wahamba nesibambo sokuvula isicabha.
Ecaleni lokukhwabanisa kuthiwa uTeffo wacelwa ngabantu abathile ukuba abanike usizo lwezomthetho, wavuma wathatha imali enguR 13 000 abamfakela yona ebhange.
Kuthe emuva kwalokho sebemthinta ukuthi babonane naye wababalakela engasayingeni indaba yabo base bembika kwiLegal Practice Council (LPC). Bafike bathola ukuthi uTeffo akasenayo imvume yokuba ngummeli. Babe sebedlulela emaphoyiseni beyovula icala lokukhwabanisa.
Okunye okuvelile wukuthi uTeffo, wagolozela amaphoyisa ngesikhathi eboshwa enqaba ukuthi amthathe amaloba eminwe yakhe futhi enqaba ukusho ikheli lendawo ahlala kuyona. Inkantolo ikhiphe umyalelo wokuthi uTeffo abambisane namaphoyisa kukho konke akufunayo.
Udaba lubuyela enkantolo ngoMsombuluko, ngo-Agasti 7, lapho kuzoqhubeka udaba kubhekwe ukuthi angasifaka yini isicelo sebheyili.