LIBULAWE umlimi ibhubesi ebelihlalise lubhojozi abantu baseDundee okukholakala ukuthi laphuma kwesinye seziqiwi ngoFebhuwari walo nyaka.
Leli bhubesi libulawe izolo ngumlimi obesekhathele yileli bhubesi ebeliqeda imfuyo yakhe neyabanye abalimi bale ndawo.
Isolezwe like labika ngaleli bhubesi lapho uNkk Zodwa Ndebele ohlala eNgudumeni, eRorkes Drift, aveza ukuthi sebesaba ngisho ukuyisa izingane esikoleni.
Leli bhubesi bese lidle izinkomo zasemapulazini adumile kule ndawo okubalwa nelakwaMakhahlela.
Kuzokhumbuleka ukuthi iDA yayinganeme ngokubulawa kwamabhubesi ikhala ngokuthi ukube abezemvelo bawenza kahle umsebenzi wabo ngabe aweqi bese eyabulawa.
UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha neMvelo KwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube, uthe emuva kokuthola izikhalo ngebhubesi ebelihlalise kabi umphakathi bakhipha umyalelo wokuthi alisuswe leli bhubesi.
Uthe abantu basemakhaya abaphila ngemfuyo bese behlaliswe kabi yileli bhubesi elithatha umnotho wabo.
“Leli bhubesi belihlalise kabi umphakathi nomlimi obesefelwe yimfuyo wanikwa iphemithi yokuthi alisuse. Uyena olibulele ngoMsombuluko ekuseni ngesikhathi elithola lidla imfuyo yakhe. Ngiyabaqinisekisa abalimi, abantu bakithi emakhaya nabaholi bomdabu ukuthi ukuphepha kwabo kubalulekile kuthina. Siyabonga ukuthi bahlale besebenzisana nathi,” kusho uNkk Dube-Ncube esitatimendeni.
Uthe abasebenzi bezemvelo bebambisene nePeace Parks Foundation noMnyango wezeMvelo, Amahlathi nokuDoba basebenza kanzima ukuza nobuchwepheshe obuzovikela izilwane zasendle eHluhluwe iMfolozi Park.
Uveze nokuthi bayalwa nenkinga yokubulawa kwezilwane zasendle ngokufaka ubuchwepheshe nokusebenzisana nabantu.