AGIXABEZWE udilikajele amadoda amabili abevele eNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma izolo ngecala lokubulala nelokubamba inkunzi.
USbongiseni Maphumulo (25) noThobani Mabaso (32) balahlwe icala lokubamba inkunzi nelokubulala umshayeli weloli lakwaCoca-Cola, uMnuz Sabelo Nxumalo ngo 2020.
Isigameko kuthiwa senzeka enxanxatheleni yezitolo, iDube Village Mall eNanda kanti omunye ababenaye ngesikhathi benza ubugebengu usagcwele amathafa.
Enkantolo kuvele ukuthi umufi wayehleli yedwa elolini elinde umfowabo owayesangene esitolo eShoprite eyolanda i-invoice ngesikhathi uMaphumulo engena elolini, ohlangothini lomgibeli.
Kuthiwa kwathi esengaphakathi wagwaza umufi, kanti esicabheni sikamufi kwakumi uMabaso nalona omunye wesilisa ongakaze abanjwe begade ukuthi umufi angabaleki.
Wabanjwa inkunzi waphucwa iselula, ubhakha weNike kanti kwathi kuphela amahora amabili, zonke lezi zinto zabe sezidayisiwe.
Ngesikhathi kuthethwa icala, bobabili bathi abanacala kanti ummeli wabo waveza ukuthi ubugebengu benziwa ngoba abamangalelwa babefuna imali yokuthenga iwunga.
Ibagweba imantshi, u-E La Grange ithe: “Ngalesi sigwebo, inkantolo izicabangile izimo abamangalelwa ababhekene nazo. Bobabili bangobaba kodwa abondli muntu futhi akubona abanakekela izingane zabo.”
Uqhube wathi inkantolo iphinde yabheka ubunzima becala, ngale nje kokuthi kukhona umuntu owabulawa. Umufi wayengubaba, enomuntu ayethandana naye futhi ewusizo emphakathini.
“Ngale kwalokho, ukubulawa kwakhe kwashiya isikhala esikhulu emndenini wakhe ngokomqondo nangokwemali ebingena ekhaya, okuyizinto izingane zakhe ezingasazitholi manje,” kusho uLa Grange.
Uthe icala elenziwe yila madoda, libi ngendlela engachazeki.
“Sibhekana namacala lapho kubanjwa khona inkunzi kubulawe abantu kuhlonywe ngezibhamu nangezikhali kuze kufe abantu isidingo singekho. UMbuso uzibuka lezi zigameko njengamacala amabi kakhulu nokwenza kube nzima ukuthi inkantolo ikhiphe isigwebo esingaphansi kwaleso esamukelekile,” kusho uLa Grange.
Ingoduso kaNxumalo, uNksz Nompumelelo Dlomo ithe sibajabulisile isigwebo
“Yize noma singeke sisambuyisa umufi kodwa siyilento ebesiyithandazela. Yize noma singeke sizelaphe izinhliziyo zethu kodwa sibubonile ubulungiswa benzeka ekuqulweni kwecala,” kusho uNksz Dlomo.
Uqhube wathi umndeni usakuthola kunzima ukwamukela ukuthi uNxumalo akasekho ikakhulukazi izingane zakhe.
“Zizokhula ngaphandle kukayise, ngeke esakwazi ukuzinakekela. Akwamukeleki, futhi ayikho into engavala isikhala esavuleka ngesikhathi ebulawa,” kusho uNksz Dlomo.