INGASE ingahlali ingqungquthela ye-ANC okufanele ibe seDurban University of Technology (DUT), eThekwini, ngemuva kokuthi amalungu ale nhlangano aseMpendle esifundeni iMoses Mabhida, efake amaphepha okumisa ingqungquthela enkantolo eNkulu yaseMgungundlovu.
Kulindeleke ukuthi udaba lwawo lulalelwe njengamanje ntambama enkantolo.
Akusikona okokuqala kumiswa ingqungquthela ye-ANC kwazise isihlehliswe izikhawu eziyisishiyagalombili.
Bekufanele ingqungquthela ibe khona ngenyanga edlule eNyuvesi yaseZululand kodwa igcine ihlehlile ngenxa yokuthi amalungu e-ANC eMoses Mabhida naseLower South Coast babefake amaphepha okuyimisa.
Amalungu ebekhala ngokuthi kunethimba elinqwaha ngobulungu benhlangano futhi ayavinjelwa ukuthi angene kwingqungquthela.
Abanye bebekhala ngokuthi amagatsha ayevinjiwe ukuqoka abaholi ngeke avunyelwe ukuthi ayovotela izithunywa engqungqutheleni yokukhetha ubuholi be-ANC KwaZulu-Natal.
UMnuz Sihle Zikalala uvumile ukuthi bayazi ukuthi kunamalungu ale nhlangano afake amaphepha okumisa ingqungquthela enkantolo.
Uthe sebelusukumelile lolu daba kodwa wangadulula eminye imininingwano
[