KUZOKWETHULWA ikhemesi lokuqala namhlanje elihlanganisa amakhambi esintu nawesilungu edolobheni eManzimtoti. IBhubesi Inkosi, yimikhiqizo yamakhambi esintu, eneminyaka eyisikhombisa yasungulwa futhi ihlanganiswe nawesilungu.
Omunye wabanikazi bomkhiqizo umelaphi wendabuko uMnuz Sbongiseni Aubrey Ngcobo, uthe imikhiqizo yelapha izifo eziningi ezahlukene.
"Izimbiza, iziwasho, izintelezi namakhambi okulapha ngesilungu ahlanganiswe ndawonye ukuze kube lula kubantu ukuthola usizo ngazo zonke izindlela. IBhubesi Inkosi, imikhiqizo iyatholakala kwezinye izindawo kodwa eManzimtoti, yilapho ikhemisi lizinze khona," kusho uNgcobo.
Eqhuba uthe ngeke bagcine ngokuvula ikhemisi nje kodwa bazobanikela ngoR50 000 kwinhlangano engenzi nzuzo, iBobby Bear.
" Le nhlangano iwusizo kakhulu emphakathini futhi siyazazi nezingqinamba ebhekene nazo. Yingakho sikhethe ukwelula isandla kube khona esikuphonsayo kuyo, ukuze ikwazi ukuqhubeka nokuba usizo emphakathini," kuchaza uNgcobo.
Ephetha uNgcobo uthe, kulindeleke amakhosi ezindawo ezahlukene, amakhansela namalungu omphakathi atheleke emcimbini. Wathi abawakhohlwanga amaciko endawo futhi kuboshelwe abaculi behip hop, abazobe beshiyelana inkundla. Amagidangoma ahlukene nawo azobe ekhona evunule econsa aphinde anandise emcimbini.