KUQHUME isililo kwabanye abazali ebebengazi ukuthi bazothathani bahlanganise nani ukuze izingane zabo ziqhubeke nesikole ngesikhathi zamukeliswa imifundaze. Abafundi bezikole eziyisishiyagalombili eJozini nabenze kahle ku-matric baxhaswe ngemifundaze, ama-laptop nezindondo uMasipala waseJozini izolo. IMeya yalo masipala uMnuz Mfananaye Mathe yamukelise abafundi yabakhuthaza nangokubaluleka kwemfundo. UMathe ukuqinisekisile ukuthi umasipala uzolokhu ubaseka kuze kube bayaphumelela ezifundweni zabo.
UNksz Zinhle Nxumalo ( 32) waseNhlangano ongomunye umzali wengane ethole uxhaso uveze ukuthi akasebenzi. " Ngo-2017 weqiswa u-9 wayofunda uGrade 10 ngajabula. Namhlanje uyaklonyeliswa ngijabule kakhulu ngibonga nomama obelokhu engilekelela kusukela ngithole lo mntwana ngimncane," kusho uNksz Nxumalo.
UNkk Thokozile Mthembu (65) waseJozini onomzukulu ohlomule kulolu hlelo, uthe eJozini Primary waze washiya isikweletu sasulwa ngoba engenayo imali yokukhokha. Ukufunda komzukulu aze aklonyeliswe uthe kufana nephupho kuye.
"Ngikhaliswa yinjabulo yokuthi umntwana wami ukwazile ukuthola imfundo. Ngangidayisa kodwa angisakwazi ukuhamba. Nempesheni angikayiholi ngoba epasini iminyaka ithi ngisemncane,"kusho uNkk Mthembu.
UShamella Mthembu (17) oyokwenza izifundo ze-Accounting eRhodes University e-Eastern Cape, uthe ukhule isimo sasekhaya singesihle kodwa wangasivumela wazikhandla ukuze aphase kahle.
" Angiyena umntwana okhule kalula bengesekwa ugogo nomama. Ngazama ukusebenza kanzima kusukela ngeqiswa ikilasi esikoleni kuze kube yinamhlanje sengiklonyeliswa,"kusho uShamella.
U-Asande Jobe (17) wasesigodini sakwaJobe obefunda eSinethezekile Combined oyokwenza iMedicine and Surgery e-University of KwaZulu-Natal (UKZN) ungomunye wabahlomule kulolu hlelo. Uveze ukuthi yize othisha bebewusizo olukhulu kodwa naye ubezikhandla ukuqinisekisa ukuthi uthola imiphumela ka-matric emihle. " Akukho okudlula ukufunda ngoba noma othisha bekhona kwenzelwe ukuthi basilekelele. Ithina abafundi okumele sifake umfutho. Uma ungaphumelelanga lihlala likhona elinye ithuba," kusho u-Asanda.