ZITHWELE kanzima izingane ezimbili ezabona unina egwazwa ebulawa yisoka lakhe ngo-Okthoba ngonyaka odlule, eMorningside eThekwini.
Lokhu kuvezwe nguNkk Thandi Phohlo, ongunina kamufi, uNksz Dima Phohlo (31) okusolwa ukuthi wabulawa ngesihluku yisoka lakhe, uMnuz Mhleli Ndaba (31).
Lesi sehlakalao kuthiwa senzeka ngemuva kwengxabano eyayishubile phakathi kwabo.
Izingane okukhulunywa ngazo kuvela ukuthi ngabafana omunye uneminyaka emithathu, omunye unemihlanu.
Izolo umsolwa ubevele eNkantolo yeMantshi yaseThekwini.
Unina kamufi uzwakalise ukukhathazeka kwakhe ngabazukulu bakhe wathi njalo ebusuku abalali baxoxa ngabakubona ngosuku lwesigameko.
"Iyangikhathaza impilo esiphilwa ngabazukulu bami. Baxoxa ngakho konke abakubona ngalelo langa. Baze basitshele nokuthi isehlakalo saqala senzeka ngaphakathi endlini kwaze kwaphunyelwa ngaphandle,'' usho kanje.
Uthe akagculisekile ngendlela izinto ezenzeka ngayo kuleli cala.
Ukhale ngokuthi icala lihlehliswa njalo ekubeni kumhlukumeza nokuza njalo enkantolo.
"Sengiqala nokulilahla manje ithemba ngokuthi bukhona ubulungiswa obuzokwenzeka kuleli cala. Lihlehliswa njalo kanti kunjalo nje angiboni kahle nokuthi kwenziwani,'' usho kanje ekhononda.
Uthe akekho nje enkantolo ozihluphayo ngokuxhumana nabo ngakho konke okuqhubekayo.
Umshushisi, u-Advocate Calvin Govender, utshele inkantolo ukuthi icala selisesigabeni sokuthi manje selingaqala ukuthi liqulwe.
Kuthiwa umufi kwathi uma ebona ukuthi umsolwa uyamlimaza wabalekela emnyango, kodwa wamjaha waze wamfica waqhubeka nokumgwaza esesemnyango.
Enkantolo kuvele ukuthi kunemifanekiso eqoshiwe eveza umsolwa ebulala umufi ngesihluku.
Umsolwa ungaphandle ngebheyili ka-R20 000. Icala lihlehliselwe uMeyi 10 ukuze liqale ukuqulwa.
Ibheyili yakhe inombandela wokuthi angalinge aphazamise uphenyo futhi angasondeli eduze kwabantwana bakhe.
Phambilini umsolwa watshela inkantolo ukuthi lokhu wayekwenza ngoba wayehlose ukuthi azivikele kumufi.
IMantshi, uXolile Manjeza, ivumile ukuthi icala lihlehle ukuze ngokuzayo liqale ukuqulwa.