INHLANZI ishelwe ngamanzi ezikhulwini zikahulumeni ezikhohlakele KwaZulu-Natal njengoba uhulumeni wesifundazwe esezoziphenya ukuthi ziyifanele yini impilo eziyiphilayo.
Ethula inkulumo yesimo sesifundazwe enkundleni yezemidlalo eRoyal Show Grounds eMgungundlovu izolo, uNdunankulu uMnuz Willies Mchunu uthe zonke izikhulu, nabasebenza oPhikweni olukhipha amathenda, sebezophenywa ngenhloso yokulwa nenkohlakalo.
“Lokhu sizokwenza ngokubambisana noPhiko oluqoqa intela iSars ngoba sifuna ukuqinisekisa ukuthi zonke izisebenzi zisebenza ngobuqotho,” kusho uMchunu.
UMchunu uthe ukuphenya izisebenzi abakwenzi ngoba befuna ukuveza isithombe sokuthi izisebenzi zikahulumeni zikhohlakele kodwa bakwenza ngoba befuna ukuqeda inkohlakalo. Uthe lokhu kuzosiza kwenyuse isibalo semikhandlu ethola imibiko kamncwaningi-mabhuku ehlanzekile.
“Njengezakhamuzi sikhathazekile ngesimo somnotho wezwe yingakho kumele senze isiqiniseko sokuthi siyalwa nenkohlakalo,” kusho uMchunu.
Uthe nongqongqoshe sebezokwenza izobopho naye njengoNdunankulu bathembise ukuthi bazozihambisa izidingo kubantu njengoba kwenza izinhloko zeminyango. Uveze nokuthi isifundazwe sihlela ukwakha izindlu zomxhaso ezingaphezu kuka-40 000 ezizodla izigidi zemali.
Uthe zizokwakhiwa eMawoti, Mpangeni, Hyde Park, Blaaubosch, eMlaza, KwaMashu naseCornubia.
Uthe babeke eceleni noR375 million, wemifundaze ezonikezwa abafundi abenze kahle kwa-matric ngonyaka ozayo.
“Enye yale mali izophinde isize izintandane nentsha entulayo ngemifundaze,” kusho uMchunu.
Uthe babeke eceleni noR50 million, abazowufaka esikhwameni sentsha, wengeza ngokuthi le mali izosiza emabhizinisini entsha.
Ukhale ngokuthi iningi imali emosheka ngokuhlinzeka ngosizo abahaqwe igciwane le-HIV neTB.
Wengeze ngokuthi bazama ukuthola uR419 million kwiGlobal Fund eminyakeni emithathu ezayo ngenhloso yokulwa nalezi zifo. Uphinde wazwakalisa ukukhathazeka ngokuntuleka kodokotela abelapha umdlavuza.
“Siyabonga ukuthi sekunozinzo kulo mkhakha, manje senza isiqiniseko sokuthi izingqinamba ezike zaba khona ziyagwemeka ngesikhathi esizayo,” kusho uMchunu.
Uthe isifundazwe silahlekelwe uR1.2 billion ngonyaka odlule ngenxa yomonakalo odalwa yizichotho nezikhukhula. Ubuye wathi enye yezinto abazibeke eqhulwini wukuthuthukisa ingqalasizinda ngenhloso yokudala namathuba emisebenzi wengeza ngokuthi * -20% wesabelomali sesifundazwe uzoyiswa ekuthuthukisweni kwengqalasizinda.
“Ngonyaka odlule isifundazwe sidale amathuba emisebenzi
angu-100 000,” kusho uMchunu.
Amaqembu aphikisayo ayamukele ngezindlela ezehlukene inkulumo kaMchunu.
IPhini loMkhulumeli we-IFP kuzwelonke, uMnuz Joshua Mazibuko, uthe inkulumo kaMchunu ibiyizifiso zokuthi uKhongolose ufunani. Uthe bakhathazekile ngokunyuka kwesibalo sabahaqwe yiHIV.
UMholi weDA, uMnuz Zwakele Mncwango, uthe badumele ngokuthi inkulumo kaMchunu ayikuvezi ukuthi amathuba emisebenzi azodalwa
kanjani.
UMnuz Vikizitha Mlotshwa weNFP uthe akukho okusha okushiwo nguMchunu wathi inkulumo yakhe iyafana neyangonyaka odlule.