UMHLAZIYI wezomnotho, uSolwazi Bonke Dumisa uthi isimemezelo seBhange loMbuso sokuphinde lenyuse imali-mboleko kumele sivule amehlo kubantu bakuleli mayelana nendlela abasebenzisa ngayo imali.
Umphathi weBhange loMbuso, uMnuz Lesetja Kganyago umemezele ukuthi izokwenyuswa ngo-75 basis points imali-mboleko.
Ekhuluma esithangamini sabezindaba izolo uKganyago, uthe lokhu kwenzeka emva komhlangano wekomiti, iMonetary Policy Committee (MPC) elibe nawo, obekungowokugcina nonyaka.
Uthe emva komhlangano wabo, amalungu amathathu avumelane ngokuthi imali-mboleko yenyuswe ngo-75 basis points ngesikhathi amalungu amabili, adliwe yivoti, abethi ayinyuswe ngo-50 basis points.
Exoxa neSolezwe izolo uDumisa uthe kusazosinda kwehlela kuwo wonke umuntu, hhayi kwabathenga ngesikweleti, abanikazi bemizi, nabakhokhela izimoto nyanga zonke kuphela, njengoba sebezokhokha okuthe xaxa.
“Kuzomele ibhekwe nhlangothi zombili indaba yokunyuka izikhawu kwemali-mboleko kuleli, ngoba yize iBhange loMbuso, ligcine lithathe lesi sinqumo esinzima ukusimamisa amandla emali, kodwa lokho akusho ukuthi alibakhathalele abantu bakuleli. Indaba yokwehla kwamandla, yinkinga yomhlaba jikelele.
“Wonke umuntu uzoshayeka. Abakhokhela izimoto nezindlu abanesivumelwano sokuthi uma kunyuka imali -mboleko nemali abayikhokhayo inyuke, bazoshayeka ngoba sebezokhokha kakhulu. Akubona bodwa abathenga ngezikweleti abazoshayeka, kodwa wonke umuntu ngoba ukunyuka kwemali-mboleko kusho ukunyuka kuka-phethroli, ukudla nokunye.
Uxwayise abazogcwala ezitolo namuhla beyokhithiza imititilizo yeBlack Friday, ukuthi bazithibe ekuthengeni izinto abangazidingi, kunalokho baphonse okuthe xaxa ezikweletini abanazo.
Ubuyise ithemba mayelana namandla eRandi.
“Besilokhu sibona intengo kawoyela ongahluziwe ilokhu inyukile, kodwa neRandi nalo libonakala liba namandla. Okwamanje ake sizitshele ukuthi intengo kaphethroli ngeke inyuke maduzane.
Isikhulu senkampani edayisa izindlu, iPam Golding uDkt Andrew Golding sithe kuzoshiya abaningi bedumele.
“Amakhasimende kuzofanele abhekane nobunzima bokunyuka kwezindleko zokuphila aphinde abhekane nezinselelo ezidalwa ukucishwa konga kukagesi emnothweni weNingizimu Afrika ovele untengantenga,” kusho uDkt Golding.