UMPHATHISWA wezeZimali KwaZulu-Natal, uMnuz Francios Rodgers, ufunge wagomela ukuthi kuzophela nya ukusaphazwa kwemali ezintweni ezingahlelelwe kuhulumeni waKwaZulu-Natal.
URodgers uthembise ukukuqapha ngelokhozi ukusetshenziswa kwemali kuhulumeni wesifundazwe.
Ukusho lokhu emva kokwethula kabusha isabelomali sesifundazwe esingu-R150 billion, esiShayamthetho.
URodgers uthe izikhathi esiphila kuzo zidinga ukuthi iminyango kahulumeni ibophe izifociya.
“Asikwazi ukuvele sisebenzise imali ezintweni ebesingazihlelelanga. Kufanele sikuqaphe lokhu. Kuzokuba umsebenzi wami ukuba iphoyisa elizogada ukusetshenziswa kwemali. Ngizokwenza isiqiniseko sokuthi imali ayimoshwa. Kufanele sibekezele, sizophuma maduze kule simo esikuso.”
URodgers uthe bafuna ukuthi zithathelwe izinyathelo izikhulu zeminyango kahulumeni eziphula imigomo.
“Izinto engihlale ngizisho ukuthi kufanele sakhe uhulumeni osebenza ngokuthembeka. Ukuze uhulumeni usebenze ngokuthembeka, kufanele kube nemigomo ebekiwe okufanele ilandelwe yiwo wonke umuntu. Njengoba kunemigomo elawula ukusetshenziswa kwemali kahulumeni, kufanele senze isiqiniseko sokuthi le migomo iyalandelwa.
“Njengohulumeni omusha, kufanele senze izinto ngendlela ehlukile. Kulo hulumeni kufanele senze isiqiniseko sokuthi imigomo iyalandelwa. Kufanele senze isiqiniseko sokuthi bathathelwa izinyathelo abamoshe imali. Akufanele sitotose abantu abaphula imithetho. Ngizokuba owokuqala ukubathathela izinyathelo abaphula umthetho.”
URodgers ukhulume ngezingxoxo zokuthi ezinye izinkampani zikahulumeni ezenza inzuzo zifakwe emnyangweni wakhe.
URodgers uthe ngesikhathi kunezingxoxo zokubusa ngokubambisana kwaba nesiphakamiso sokuthi izinkampani ezifana nezeMvelo KZN Wildlife, Sharks Board, Liqour Board, neGaming and Betting Board, zifakwe emnyangweni wakhe.
Lezi zinkampani ziseMnyangweni wezokuThuthukiswa koMnotho nokoNgiwa kweMvelo.
“Lezo zingxoxo azikaphothulwa.”
Ephawula ngezeMvelo KZN Wildlife, uthe le nkampani kufanele ibhukule ukuze yenze imali, ingathembeli kuhulumeni.
“Into engihlale ngiyisho kwabezeMvelo ukuthi kufanele bazi ukuthi yini inhloso yezeMvelo. Akuwona umsebenzi kahulumeni ukwenza amabhizinsi ezokungcebeleka. Into okufanele siyibheke kakhulu ukunakekela izilwane nezithelo ezitholakala ezindaweni eziphethwe ezeMvelo. Akhona amaqhinga okwenza imali esesiqalile ukuwabona esebenza.”