KUZOPHAZAMISEKA ukuthunyelwa kwamanzi ezindaweni ezikuMasipala weTheku nakuMasipala wasoGwini. Lokhu kudalwa wukuthi inhlangano ephakela omasipala baKwaZulu-Natal ngamanzi, UMngeni-uThukela Water uzothatha amanzi amaningi kwisiphehlimanzi saseWiggins Water Works bese edluliselwa kwisiphehlimanzi esiphakela izindawo eziseNingizimu, iSouth Coast Water Pump Station.
Lo msebenzi uqalwe ngoLwesihlanu 10 kuMeyi uzoqhubeka kuze kushaye uMgqibelo wango-18 Meyi 2024. Kuhloswe ukuthi kukhushulwe umthamo wamanzi ophakelwa izindawo eziseNingizimu neTheku nasoGwini.
AboMngeni-uThukela Water nabakuMasipala weTheku baveze ukuthi izinkinga zamanzi eNingizimu zaqala mhla kulimala ipayipi elikhulu elihambisa amanzi ngasekuqaleni konyaka. Kuze kube yimanje kusazanywa imizamo yokuzixazulula.
UMngeni-uThukela Water unxusa umphakathi ukuba usebenzise amanzi ngokonga ukuze kukwazi ukuthi kusheshwe kudlulwe kulesi simo futhi kuqinisekiswe ukuthi wonke umuntu uyawathola amanzi.
Izindawo ezithintekayo ngaphansi kwaloluhlelo lokuphuthunyiswa kokulethwa kwamanzi ilezi
KuMasipala weTheku
Amanzimtoti, Almond, Kingsburgh, Doonside, Illovo Beach, Panorama Park, Umgababa, Mgobhozini, Mfume, KwaSoni, Mshiwase, Nkwali, Lovu, Bhekulwandle, KwaMakhutha, Mkhazini, Ezimbokodweni, KwaFakazi, KwaMgendwa, Mahlathini, Ohlongeni, eKuphileni, Adams Mission, Umnini, Danganyana, Magabheni, Dlambula, Ehlanzeni, Thoyane, Umkhomazi, Clansthal, Craigeburn, Amahlongwa, Amalundi, Crowder Farm nase Malukazi
KuMasipala Ugu
Scottburgh, Freeland Park, Mahlongwa, Mandawe, Park Rynie, Pennington kanye nezindawo eziphakelwa isiphehlimanzi Umzinto Treatment Plant.