Esitatimendeni esithunyelwe kwabezindaba, uMhlathuze Water, uthe uzoqala izinhlelo zokulungisa ingqalasizinda ngoLwesithathu ngo-8 ekuseni kuze kube wuLwesine ngo-8 ekuseni.
Kulindeleke ukuthi ngesikhathi kulungiswa ingqalasizinda kuvalwe isikhungo samanzi iNsezi Water Treatment Plant esiphakela uMasipala waseMhlathuze amanzi nezimboni zaseRichards Bay.
Kuzobe kulungiswa ipayipi elikhulu elithumela amanzi eMpangeni, kufakwa nama-valve amasha eNsezi Water Tretament Plant, yingakho kulindeleke ukuthi kuphazamiseke ukuthunyelwa kwamanzi.
AboMhlathuze Water bathe abalindele ukuthi kuphazamiseke kakhulu ukuphakwa kwamanzi kodwa bayacela umphakathi uwasebenzise kahle futhi ubabekezelele ngoba kufanele bayilungise ingqalasizinda.
Bathe kubalulekile ukuthi bayilungise ingqalasizinda ngesikhathi abasihlelile ukuze bagweme ukuthi ibafele ngomuso.