KUNGASE kuphazamiseke ukukhokhwa kwesondlo sezingane uma kuphela inyanga njengoba uMnyango wezoBulungiswa uveze ukuthi izigebengu zizame ukweba imali zisebenzisa i-internet.
Esitatimendeni sabezindaba, uMnyango wezoBulungiswa uveze ukuthi izigebengu zingene ohlelweni lokukhokhwa kwemali yesondlo zashintsha imininingwane yabantu okufanele bathole isondlo zafaka eyazo.
Lokhu kuholele ekutheni umnyango ulumise uhlelo lokukhokhwa kwezibonelelo olujwayelekile ukuze kuliwe nalobu bugebengu.
Uthe usubikele izinhlaka zomthetho okuyizona eziphenyayo ngalolu daba.
Okwamanje abahola izibonelelo zikahulumeni bacelwe ukuba baye ezinkantolo ukuze bakwazi ukuthola imali yabo.
Esitatimendeni, uNksz Kgalalelo Masibi uthe imali izotholakala kuzo zonke izinkantolo zakuleli ukuze abahola isondlo bengeke bahlupheke.
Ubuye wakuveza ukuthi bayaxoxisana nezinye izinhlaka okubalwa kuzo namabhange ukuze kungagcwali imali eningi ezinkantolo.
Ezinkundleni zokuxhumana abesifazane abathola isondlo sezingane bathe ubuhixihixi buqale ngoMeyi 15 kanti abanalo ithemba lokuthi uma kuphela inyanga wonke umuntu uzoyithola imali.
Omunye ocele ukungadalulwa, ngoba esabela ukuthi ngeke ayithole imali uma eseya enkantolo, uthe akusikona okokuqala izigebengu zizama ukweba imali ngakho umnyango kufanele ube nezinhlelo ezifana nezamabhange zokuvikela imininingwane yabathola isondlo sezingane.
Ucele ukuthi imali ifakwe kuma-akhawunti abantu asebhange, ingavayi ohlelweni lwekhompyutha lomnyango ngoba izigebengu zihlasela lona njalo.