AKEKHO ozolahlekelwa wumsebenzi njengoba sekuhlanganiswe izikhungo ezine zikahulumeni zaba yizikhungo ezimbili.
UMphathiswa wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha neMvelo KwaZulu-Natal, uMfu Musa Zondi, wethule ngokusemthethweni i-KZN Economic Regulatory Authority (KZNERA) esungulwe emuva kokuhlanganiswa kwe-KZN Liqour Authority ne-KZN Gaming and Betting Board.
Ubuye wathula ngokusemthethweni iKwaZulu-Natal Tourism and Film Authority (KZNTAFA) esungulwe emuva kokuhlanganiswa kwe-Tourism KwaZulu-Natal ne-KZN Film Commission.
Uthe indlela abalwenze ngayo uhlelo lokuhlanganisa lezi zikhungo akekho ozolahlekelwa wumsebenzi ngoba abantu bafakwe ezikhaleni ezihambisana namakhono abo.
“Ukuhlanganiswa kwalezi zikhungo kusho ukuthi sizokonga izigidi zamaRandi emaholweni futhi senze umsebenzi ngokushesha. Lezi yizikhungo ezibalulekile ekudaleni amathuba omsebenzi nasekuthuthukiseni umnotho waKwaZulu-Natal. Okuhle wukuthi akekho olahlekelwe wumsebenzi njengoba senza lolu hlelo olwaqala ngo-2015,” kusho uZondi.
Uthe kuthathe isikhathi eside ukuhlanganisa lezi zikhungo ngenxa yokuthi abantu bebenexhala lokuthi kungalahleka umsebenzi.
Ukhumbuze abaqokiwe ukuphatha lezi zikhungo ukuba bayizisebenzi zomphakathi ngakho kufanele balethe impilo engcono kubantu.
Ubalule ukuthi kwesinye isikhathi abantu abasebenzayo baye bangaboni ukuthi kukhona abantu abampofu abadinga usizo, wathi akufanele abanotho bakhohlwe wusizi lwabampofu.
UNkk Mbali Myeni ongusihlalo we-KZNERA, uthe ngesikhathi kuqala uhlelo lokuhlanganiswa kwezikhungo zikahulumeni kwakukhona abathukile ngoba bengazi ukuthi bazothinteka kanjani kodwa manje bayabona ukuthi lesi sinyathelo siyawenza umqondo.
Uthe ngeke bakhiphe amalayisensi kuphela kodwa bazoqinisekisa ukuthi zonke izinhlanga zakuleli ziyangena kule mikhakha abayibhekelele.
UMnuz Paulos Ngcobo oyilungu lebhodi le-KZNTAFA, uthe bafuna iKwaZulu-Natal ihehe izivakashi nabazokwenza amafilimu e-Afrika. Lo msebenzi uthe uzokwenzeka kahle njengoba sekuhlanganiswe ezokuvakasha namafilimu.
Okwamanje lezi zikhungo zinezikhulu eziphezulu ezisabambile eseKZNTAFA nguMnuz Sibusiso Gumbi kanti eseKZNERA nguNksz Portia Baloyi.
IKwaZulu-Natal Growth Fund isibizwa ngeKZN Growth Fund Agency, usihlalo webhodi layo nguDkt Cassius Lubisi, isikhulu esisabambile nguNksz Tshidi Ikaneng.
IMoses Kotane Research Institute iyona esizogxila ocwaningweni lwezomnotho, usihlalo weBhodi nguMnuz Thinta Cibane, isikhulu esiphezulu ngu-Dkt Thandeka Ellenson, esisabambile ngu-Adv Thembelihle Mapipa.