INKOSI yesizwe saseMathulini, uMnuz Bhekizizwe Luthuli, ikhumbuza abaholi bamabandla akhele indawo yaseMzumbe namaphethelo ngomkhuleko waminyaka yonke ozokuba ngeSonto kusuka ngo-9 ekuseni ekomkhulu lalesi sizwe, eMthwalume.
Inkosi ithe umkhuleko wanonyaka uzogxila kakhulu ekugqugquzeleni umphakathi ukugomela iCovid-19, ikakhulukazi amadoda okubikwa ukuthi amadolonzima. I-Covid-19 imise kabi umhlaba wonke kanti amazwe anesibalo esikhulu sabantu asebegomile aseqalile ukubuyela empilweni ejwayelekile kubalwa nokuhambela imidlalo yebhola, ikakhulukazi awase-Europe.
Kuzobekwa nabo bonke abathintekile ngesikhathi kuqubuka izibhelu zokutatshwa kwezimpahla ezitolo zaKwaZulu-Natal okwenze inqwaba yabantu yalahlekelwa yimisebenzi, abanye behliselwa amaholo.
Lo mkhuleko ubanjwa minyaka yonke selokhu inkosi yathatha isihlalo ngenhloso yokuyinxusela kuNkulunkulu ukuhola isizwe ngobuqotho nangokuthula.
Inkosi igcizelele ukuthi abazohambela le nkonzo kumele bagcine yonke imigomo yokuvikela ukusabalala kweCovid-19 kubalwa nokugqoka izifonyo zikhathi zonke.