ISILO uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini sinxusa uZulu ukuba uphelele emcimbini wokukhumbula impi yaseSandlwana ozokuba kusasa.
Kulo nyaka kuhlangana iminyaka engu-145 uZulu, ngaphansi kweSilo uCetshwayo, anqoba amaNgisi entabeni yaseSandlwana.
Umgubho uzokuba ngaphansi kwentaba yaseSandlwana, eNquthu.
Okhulumela ihhovisi leSilo, uMntwana u-Africa Zulu, uthe impi yaseSandlwana ibalulekile kakhulu emlandweni kaZulu.
“Le mpi isinikeza ithuba lokuba sikhumbule okhokho bethu abanikela ngempilo yabo belwela lo mhlaba. Amabutho alwa impi enkulu. UZulu wanqoba ngamalengiso, futhi ngokomlando kwakuqala ukuba amaNgisi anqotshwe ngale ndlela. Ingakho indlovukazi yamaNgisi yanquma ukuthumela onke amabutho ayo. Lokhu kwaholela ekutheni uZulu ugcine unqotshiwe.
“ISilo sinxusa uZulu ukuba uphelele uma sesikhumbula labo abasilwela. Ngempi yaseSandlwana sikhumbula abanikela ngempilo yabo. Ukukhumbula impi yaseSandlwana kusinika ithuba lokuba sizikhumbule ukuthi singobani, sisuka kuphi. Impi yaseSandlwana iyisifundo entsheni.”
UMntwana u-Africa uthe ibutho likaZulu kanye namalungu eDundee Diehards azolingisa okwenzeka ngesikhathi uZulu utholana namaNgisi.
UMntwana u-Africa uthe balindele amabutho aqhamuka kuzo zonke izingxenye zezwe.
“Konke sekumi ngomumo. Amalungiselelo ahamba kahle kakhulu.”
Undunankulu waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube, uthe kuningi abantu abangakufunda ngempi yaseSandlwana.
“Usuku lwempi yaseSandlwana lusemlandweni futhi uZulu ngeke ulukhohlwe. Impi yaseSandlwana iyisikhumbuzo sokuthi thina singobani. Impi isikhumbuza isikhathi lapho amaqhawe ethu engazange agwaje ngesikhathi ebhekene nethunzi lokufa, alwa. Njengoba sibhekene nezinkinga ezingaka namhlanje, kufanele sibukele kula maqhawe angazange ahlehle ngesikhathi ebhekene nobunzima.”
UMphathiswa wezemiDlalo, ubuCiko namaSiko, uDkt Ntuthuko Mahlaba, uthe kubalulekile ukuthi uZulu angalukhohlwa lolu suku.
“Kwakungokokuqala ukuba isizwe sase-Afrika sinqobe amaNgisi. Amabutho kaZulu ayephethe imikhonto namahawu akwazi ukunqoba ibutho lamaNgisi elalihlome liphelele.”
Kuleli sonto ibithe chithi saka imicimbi eyandulela umkhosi wakusasa.
Phakathi kwemicimbi ebikhona, uMasipala wesifunda iKing Cetshwayo ube nesikhumbuzo sikaCetshwayo edlinzeni lakhe eliseNkandla, kwathi uMasipala wesifunda iZululand waba nesifundo ngempilo yeSilo sasoNdini.