THOKOLA themba amathunzi ayewukela, intuthuko isifikile KwaMaphumulo njengoba kwethulwe usonkontileka ozolungisa umgwaqo omkhulu uR74.
Lokhu kuvezwe wuNgqongqoshe wezokuThutha, ukuPhepha nokuXhunyaniswa koMphakathi KwaZulu-Natal uMnuz Sipho Hlomuka ngoLwesibili, ngesikhathi ethula usonkontileka ozolungisa umgwaqo owalimala ngezikhukhula zangoDisemba 2021.
Izikhukhula zawubhodloza umgwaqo okwaholela ekutheni uvalwe. Abashayeli babephoqeleka ukuthatha izinye izindlela ezihamba ngaphakathi emakhaya uma befuna ukufinyelela edolobheni laKwaMaphumulo.
Kuvele ukuthi ukulungiswa kukaR74 kuzobiza imali engangoR77 million. Kuthiwa imali ihlanganisa ukwakhiwa kwebhuloho elizoqinisekisa ukuphepha kwabashayeli.
Umsebenzi usuqalile futhi kulindeleke ukuthi uthathe izinyanga eziyisithupha.
UHlomuka uthe kubalulekile ukulungiswa kwalo mgwaqo ngoba kuzosiza ukuvulela umnotho edolobheni lakhona. Wumgwaqo oxhumanisa amadolobha iKwaDukuza, KwaMaphumulo, Kranskop neGreytown futhi yiwona ophakela uthela wayeka uN2.
“Ukwakhiwa kwale ngxenye kuzolekelela ekuthuthukiseni impilo yezakhamuzi zaKwaMaphumulo nabanye abasebenzisa lo mgwaqo. Lolu hlelo luzokwakha amathuba emisebenzi futhi lulekelele nosonkontileka abasafufusa. Umphakathi kufanele uluvikele lolu hlelo, ungavumeli abantu bawucekele phansi umsebenzi owenziwayo,” kusho uHlomuka.