KUZOBIZWA ofakazi abangu-13 ecaleni lowesilisa waseFolweni obhekene necala lokudlwengula nokusoconga okuthiwa wakwenza kowesifazane ngesikhathi somvalelandlini.
UMnuz Samkelo Victus Dube (29) usolwa ngokudlwengula abulale uNksz Sibahle Faith Biyela (17), ngokumgwaza esiphongweni ngesikrudrayva, esigamekweni okuthiwa senzeka ngo-Okthoba 5, 2020.
UDube kuthiwa wayevakashelwe nguNksz Biyela endlini yakhe eseFolweni kade embizile ukuthi bazohlala ndawonye baphuze utshwala.
Umufi kuthiwa wafika nomngani wakhe, uNksz Thandiwe Princess Shange.
UDube ubevele izolo eNkantolo eNkulu yaseThekwini, nokuyilapho uMshushisi, uSenior State Advocate Khatija Essack eveze ukuthi kuzobizwa ofakazi abangu-13 kuleli cala elizoqala ukuqulwa namhlanje.
Phakathi kofakazi abazobizwa uMshushisi, uthe kubalwa iphoyisa elafika endaweni yesigameko, udokotela wasemakhazeni asePark Rynie nomngani kamufi, uNksz Shange.
Sebeqedile ukuphuza, kuthiwa uDube wacela uNksz Biyela ukuthi baye ocansini, okuyinto umufi okuthiwa wayenqaba ethi akalali nendoda angathandani nayo.
Kuthiwa baphuza kwaze kwaba yiphakathi kwamabili.
Enkantolo, kuvele ukuthi lokhu kwamnenga uDube wase edonsela ngenkani egumbini lakhe uNksz Biyela wamdlwengula. Ngemuva kwalokho wamgwaza washonela khona lapho.
Ngemuva kwalokho waphuma wahubha uNksz Shange naye wamgwaza kodwa wasinda wacela empunzini. UNksz Shange kuthiwa wakubona konke okwakwenzeka egumbini likaDube.
UDube kuthiwa wagcwala amathafa kodwa ngokuhamba kwesikhathi wagcina esekhalelwa ngamasongo kaSingonyela.
Uke wasifaka isicelo sebheyili kodwa inkantolo yamchitha. Kuvele nokuthi uDube babengamathe nolimi nomufi kodwa wayengakaze amshele.